MLUNGISI GUMEDE noNKOSIYAZI PHUNGULA
B ASESIMWENI esibucayi esibhedlela abesilisa ababili abadubuleke ngesikhathi kuhlaselwa emzini wakwaMkhize eSankontshe ngaseHammarsdale okuphethe ngokuthi kufe ababili kuhlaselwa emcimbini wokugubha usuku lokuzalwa.
Kuthiwa uMnuz Sanele Mkhize (32) oyindodana kulo mndeni ubegubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoMgqibelo nabangani bakhe ngesikhathi kuqhamuka amadoda amabili avulela ngenhlamvu.
Abashonile kuhlaselwa udadewabo kaSanele, uNksz Nompumelelo Mkhize (23) nomakhelwane uMnuz Francis Ndlovu (25).
UNdlovu kuthiwa ushonele endaweni yesehlakalo uNksz Mkhize washonela emtholampilo wendawo.
Elandisa ngalesi sigameko, unina kaNksz Mkhize, uNkk Fikelephi Mkhize, uthe babehleli kwenye indlu kunomcimbi wendodana yakhe bezwa sekuqhuma isibhamu.
“Kwakudlala ingoma sezwa sekuqhuma isibhamu kwabakhona abakhalayo sithe siyobheka sathola ukuthi izingane zilimele zidubulekile,” usho kanje.
UNkk Mkhize uthe basashaqekile ngalesi sigameko ngoba abazi ukuthi abahlaseli bebefunani njengoba bengazange bathathe lutho.
“Kuyacaca ukuthi inhloso bekuwukubulala kuphela ngoba baqede ukudubula babaleka,” usho kanje. UMkhize obenze umcimbi wokusuku lokuzalwa uthe wayehleli nabangani bezijabulisa ebusuku emva kwehora lesikhombisa ngoMgqibelo bezwa sekuqhuma isibhamu.
Uthe abahlaseli abazange bangene endlini kodwa babedubula besemnyango.
“Mina ngisinde ngoba bengikwelinye ikamelo ngesikhathi kudutshulwa,” usho kanje.
UMkhize uthe akazi ngempela ukuthi bekuyini imbangela yokuhlasela ngoba akakaze axabane namuntu.
“Angeke ngazi kubangani ebengibamemile kodwa akekho kuyena owake wangixoxela ukuthi unezitha,” usho kanje.
Omunye wabadubulekile kodwa ocele igama lakhe ligodlwe uthe baqale ukwethuka kukhona owa phansi base beqala belala ngezisu beziphephisa.
Uthe yena wadubuleka emhlane kabili waphuthunyiswa esibhedlela kodwa udedelwe ngoMsombuluko.
Akusikho okokuqala kwenzeka isigameko salolu hlobo kule ndawo njengoba sike senzeka nangonyaka odlule lapho kwabulawa abantu abahlanu endaweni yokucima ukoma.
Ngokusho kwamalungu omphakathi sezintathu izigameko kuhlaselwa abantu kule ndawo ngale ndlela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane uthe kuvulwe amacala amabili okubulala namathathu okuzama ukubulala kodwa okwamanje bekungakaboshwa muntu. Uthe isizathu sokuhlaselwa besingakaziwa.