INTATHELI YESOLEZWE
BAPHILE ngesibhamu baphinde bafa ngaso.
Kungazwakala njengesisho nje kodwa kube yiqiniso kwabathathu abadutshulwe bafa ngemuva kokubamba inkunzi eDurban North, ngeledlule.
NgoMgqibelo bangcwatshiswe ‘okwamaphanta’ kudlisa ingqephu, kuqhuma izibhamu kusho ingoma, kushaywa nezidudla.
Kume yonke into kwa-B KwaMashu ngesikhathi kungcwatshwa uMnuz Sifiso Dube (33) noMnuz Mxolisi Khumalo (35) njengoba bekuphume nesinedolo. Laba bangcwatshwe emathuneni aseRedhill eThekwini.
Owesithathu uMnuz Bongani Nokwe (39) owayethelwe ngoyaba lwezinhlamvu ungcwatshwe izolo.
Isigebengu sesine esakwazi ukubaleka sona sisafunwa amaphoyisa namanje.
Umgwaqo obungenela lapho bekunomngcwabo ubuvalwe yizimoto zikanokusho, okubalwa amaRange Rover, Jeep namaBMW.
Abesilisa nabesifazane abebegqoke beconsa bebezovalelisa kulaba balisa abebesatshwa endaweni.
Etendeni bekunamabhokisi amabili abembozwe kahle ngezingubo eduze kwawo kuhleli izihlobo, omunye wabafi ubenengoduso.
Ngaphandle bekusha igqomu abantu beziphuzela utshwala, nezibhamu ziqhuma ziqhumile.
Ebantwini ababahlasela bebeyizilwane kepha emindenini yabo bebeyikho konke.
Ingoduso kaDube ibhale incwadi yokuvalelisa efundwe enkonzweni.
“Ngizohlezi ngizikhumbula izikhathi ezimnandi esaba nazo sobabili. Ubuthembekile futhi awukaze ungiphoxe. Ubuyindoda ebiwenzela konke umndeni wayo. Ngesikhathi ngikhulelwe ingane yakho wangenzela konke waze wayokhokha ngisho ilobolo emndenini wami.”
Isihlobo esikhulumile sithe umndeni ubungababuzi umsebenzi abebewenza.
“Ubeyindoda eqotho ebiwunakekela umndeni. Uma indoda ikwazi ukudlala indima yayo, awulokhu uyibuza imibuzo eminingi. Ekugcineni ubuwuhlonipha umndeni wakho futhi usiza lapho ukwazi khona. Ngesikhathi ushona ngangizitshela ukuthi usemsebenzini kanti uNkulunkulu unezinye izinhlelo ngawe,” kusho lesi sihlobo.
Siqhube sathi: “Uphile impilo yakho ngokugcwele yingakho sizohlale sikukhumbula.”
Ngesikhathi eqeda ukukhuluma inqwaba yabantu isukume yadansela iculo likaRick Ross noNicki Minaj ethi You The Boss.
Amaphoyisa abeqaphile ngesikhathi sekuyiwa emathuneni.