BAWINILE NGCOBO
NJENGOBA kusondela usuku lukaKhisimusi eminye imindeni ihlezi emanzini ngenxa yezigameko zokubulawa kwezingane ngabazali emuva kokuxabana nabasuke bethandana nabo.
Okugqamayo ngalezi zigameko ukuthi unina wengane usuke exabene noyise wayo bese edubela kuyona noma kube uyise oxabana nonina bese edubela kuyo.
NgeSonto eledlule Isolezwe libike ngokubulawa kwengane yomfana eneminyaka eyisithupha okuthiwa iphonswe ebhulohweni ngunina okuthiwa uthe uhluphekisa uyise wayo ngalesi senzo sakhe.
Isidumbu sengane satholwa sihlukene nekhanda.
Unina waboshwa wabekwa icala lokubulala kanti kulindeleke ukuthi acele ibheyili namuhla eNkantolo yeMantshi eCamperdown.
Ngesonto eledlule kuvele indoda eNkantolo yeMantshi eBabanango ngecala lokubhaxabula indodana yayo eneminyaka emine yagcina ngokushona emuva kokuthi ixabane nonina wayo.
Khonamanjalo ibanjwe isibhacile indoda esolwa ngokusacaza odongeni ngekhanda ingane yayo enezinyanga ezine emuva kwengxabano nonina eMapulangweni, eNanda.
Le ndoda eneminyaka engu-25 kuthiwa iboshwe isibhace eSakhakhanye, KwaDukuza, ngoLwesine emuva kokuthi ibalekile lapho kwenzeke khona isigameko.
Kuthiwa iboshwe nomunye oneminyaka engu-35 okuthiwa uboshelwe ukuvimbela ukusebenza kwengalo yomthetho ngoba wayengafuni ukukhipha umsolwa ngesikhathi amaphoyisa esefikile ezombopha.
Ngokuthola kwe Solezwe ngemithombo kuthiwa umsolwa wayesola unina wengane yakhe ngokuthi sekukhona enye indoda ayiqomile wakhiphela isibhongo enganeni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor Thulani Zwane, uthe indoda kuthiwa ixabane nentombi yayo ezintatha ngoLwesithathu yathatha ingane yabo enezinyanga ezine ebilele yayishaya ngekhanda odongeni.
Ingane kuthiwa yalimala kanzima ekhanda yabe isiphuthunyiswa ekliniki lapho ifike yashonela khona.
UZwane uthe emuva kwalesi sigameko umsolwa ubalekile endaweni.
Amaphoyisa aseNanda avule icala lokubulala kanti ngosizo lophiko lwe-Provincial Tracking Unit, Umhlali K9 belekelelwa abe-Border Security KSIA nePML Unit bamthole bambopha umsolwa eseKwaDukuza wabekwa icala lokubulala.
Umsolwa nalowo owayemfihla bazovela eNkantolo ngala macala namuhla.