NOKUBONGWA PHENYANE
IZOQOPHA nenkampani yakwaSony ikhwaya yaseKZN ewine ohlelweni i Clash Of The Choirs ngeSonto.
Lokhu kuvele ngemuva kokuthi le khwaya idle umhlanganiso nokuthe ngalo usuku ewine ngalo yathola izindaba zokuthi ithole ithuba lokuqopha kuyona.
Umthombo we Solezwe osondelene nale khwaya uthe basazoxoxa nale nkampani kodwa ikhwaya ikujabulele kakhulu ukuzwa lezi zindaba.
“Konke kuzogoqwa maduzane nokuthi bangaqala nini ukuqamba izingoma zabo uma befuna ukuqhubeka bacule bonke,” kusho umthombo.
Le khwaya itheleke eThekwini ngoLwesibili ngemuva kokuhlala eGoli ilungiselela lolu hlelo.
Izolo ihlangane neMeya yaseThekwini uMnuz James Nxumalo wayihalalisela ngokuqhakambisa leli dolobha nesifundazwe iKwaZulu-Natal.
Ngesikhathi befika esikhumulweni samabhasi eThekwini bebelindwe imindeni yabo ebijabule kakhulu.
Iningi labazali belicula izingoma le khwaya ebelijwayele ukuzicula ohlelweni.
Ngesikhathi Isolezwe libabuza ukuthi bazokwenzani ngemali abazoyithola bonke bavumelane ngokuthi bazoya kofunda.
UNjabulo Madu waseMlazi kwa-M, uthe eyakhe imali uzokwenzela ngayo ugogo wakhe isiphihli sephathi njengoba amkhulisa waze wayeka ukuhlala naye ngonyaka odlule.
“Ngiqale ukuhlala nomama ngonyaka odlule kanti ugogo uneminyaka engu-94 namanje usaphila ngakho ngifuna ukumbonga ngakho konke angenzele khona,” kusho uNjabulo.
U-Ayanda Hlongwa obejwayele ukuhamba phambili ezingomeni eziningi kule khwaya uthe bajabule futhi bazimisele ukuhlala bebumbene njengoba sebebuyele emakhaya nje.
“Sesivumelene ngokuqhubeka sicule futhi ngeke silishintshe igama elithi Team Robbie,” kusho u-Ayanda.
Uthe ngeke akhulume ngenkontileka okuthiwa bayithole kwaSony.
“Ngeke ngikhulume ngalokho manje kodwa ziningi izinto esizobonakala kuzo futhi kukhona umcimbi wakwa-M-Net esimenywe kuwo.
ITeam Robbie kulindeleke ukuthi ngoMgqibelo iye ekhaya labadala Ikhwezi Charity eMandeni iyonikela ngemali engu-R250 000 eyingxenye yeliyiwinile.