MLUNGISI GUMEDE
ULALE ebaliwe izolo uDJ odumile eThekwini oke wasebenzisana ne-Afrotainment emva kokubanjwa oqotsheni entshontsha ibhodlela lewayini esitolo sakwaSpar e-Avondale eThekwini.
Lo DJ ongeke aze adalulwe ngoba akakaveli enkantolo kuthiwa ugile lo mhlola izolo emini.
Isolezwe lilunywe indlebe ngumthombo walo obusesitolo ngesikhathi lo saziwayo eboshwa laphuthuma khona lafike lazithela phezu kweveni yamaphoyisa yasesiteshini saseBerea.
Ngesikhathi ithimba le Solezwe lingena ngaphakathi esitolo lo DJ, okungathi izinto azisamhambeli kahle kusukela ashiya e-Afro wafuna ukuzimela, ubesevalelwe ngaphakathi ehhovisi le menenja yesitolo.
Kusolakala ukuthi ukhona omncinzile lo DJ ngokuthi udaba lwakhe selufike ezintatheleni wacela ukukhishwa komunye umnyango hhayi ngalapho bekupake khona iveni yamaphoyisa kucuthe umthwebuli.
Lo DJ ubehamba nabangani bakhe kukhona nowesifazane emotweni.
Kusolakala ukuthi ungene yedwa esitolo eyokweba leli bhodlela lewayini kanti uzolahlwa elakubo abanjwe njengoba eboshwe yedwa.
Osebenza esitolo okhulume ne Solezwe kodwa wacela ukuba angadalulwa uthukile uma ezwa ukuthi ungusaziwayo umsolwa obanjwe ezama ukweba iwayini.
“Ukhona umjita obanjwe ezama ukweba iwayini kodwa udaba lwakhe lusaxoxwa ehhovisi lemenenja, seniyizwe ngobani le ndaba,” usho kanje.
Imenenja yasesitolo engathandanga ukudalulwa icele kuthintwe amaphoyisa aseBerea ngemininingwane mayelana nesigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker uthe bayakuqinisekisa ukuthi sikhona isigameko esenzeke izolo lapho owesilisa oneminyaka engu-34 eboshwe emva kokuzama ukuntshontsha ibhodlela lewayini esitolo esisemgwaqweni u-Avondale .
“Ugqunywe esiteshini samaphoyisa eBerea. Uzobekwa icala lokuntshontsha esitolo, uzovela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko (namuhla),” kusho uNaicker.