NONTUTHUKO NGUBANE
K UBHEKWE lukhulu efilimini ekhuluma ngowesifazane obhekana ngqo nezinselelo zempilo, eqondiswe wumlingisi uTerry Pheto.
Kuleli filimu kudlala phambili u-Ayanda oneminyaka ewu-21 waseYeoville.
UTerry Phetho, wodumo lwe-Tsotsi, usebenzisane nomqondisi uSara Blecher.
Lo mdlalo usuvele uzakhele udumo kubalandeli bamafilimu kwamanye amazwe.
Lokhu kungenxa yokuthi kuthiwe uzosabalaliswa yinkampani yaphesheya i-Indigenous Film Distribution. Lokhu kusho ukuthi uzosabalala amazwe ngamazwe ungagcini ukubonakala kuleli kuphela.
Indawo ka-Ayanda kudlala phambili uFulu Mugovhani, onethalente lokulungisa imigexo nefenisha. Ube esethatha isinqumo sokuvusa ibhizinisi likayise lezimoto emuva kweminyaka eyisishiyagalolunye ashona. Ukwenza lokhu ehlangabezana nezingqinamba empilweni yakhe.
Kukhona nomdlali waseNigeria u-OC Ukeje, kukhona nabadlali abadumile kuleli okubalwa kubo uNtathi Moshesh, Kenneth Nkosi, Jafta Mamabola, Thomas Gumede, Sihle Xaba noVanessa Cooke.
“U-Ayanda ngowesifazane oveza ukuhluka kwempilo yabantu kuleli nezinselelo ezehlukene ababhekana nazo. Kulo mdlalo kuvela indlela abantu bakuleli abanomdlandla ngayo nosikompilo,” kusho uPheto.
Umphathi we-Indigenous Film Distribution, uHelen Kuun, waveza esitatimendeni esathunyelwa kwabezindaba, ukuthi bajabule kakhulu ngalo mdlalo. asebekulindile wukubona ukuthi abantu bawuthokozela kanjani.
NgoJuni uhlabane nge-Special Jury Prize kuma-Los Angeles Film Festival (LAFF) ngesikhathi ukhonjiswa kwi-World Fiction Competition.
Le filimu ike yakhonjiswa kwi-36th Durban International Film Festival ngoJulayi.
Ngo-Okthoba 7 kuya ku-18 izokhonjiswa kwi-59th BFI Londin Fil Festival. Kungapheli lapho ngo-Okthoba 16 kuya ku-24 uzobe ukhonjiswa kwi 14th Annual Cambridge African Film Festival (CAFF).
Le filimu yaxhaswa i-National Film and Video Foundation (NFVF), Africa Magic, umnyango kahulumeni nabanye.
Ibe namagama cishe amahlanu kusukela kwethi Andani, The Mechanic namanye, kwagcina kuhambe phambili elika- Ayanda.