MALIBONGWE MDLETSHE
U KUZE lingagqwali emlandweni irekhodi likaLubabalo “Tera” Mtembu, lokuba ngukaputeni wokuqala omnyama weCell C Sharks, kumele ahole iqembu lingene emdlalweni wamanqamu we-Absa Currie Cup.
Akakuphiki naye lokhu.
UMtembu uzohola iSharks uma isihlasela iGolden Lions emdlalweni wokuqala wesemi-final yeCurrie Cup e-Ellis Park, eGoli kusasa ngo-2.30 ntambama.
“Sisemdlalweni owandulela owamanqamu manje. Kusemqoka kimi ukuhola iqembu linqobe kulo mdlalo kodwa angicabangi ukuthi uhlukile. Sizoya kuwo ngendlela efanayo nale ebesiyisebenzisa isizini yonke. Kuhlezi kusemqoka ukuthi iqembu lifinyelele emidlalweni yamanqamu futhi liwine nezicoco. Ngingathanda nami ukuthi kwenzeke lokho ngaphansi kobuholi bami,” kusho uMtembu.
Ubexoxa ne Solezwe esithangamini nabezindaba lapho bekwethulwa khona isikwati sakusasa seSharks eGrowthpoint Kings Park.
UMtembu uqophe umlando kule sizini eba ngukaputeni wokuqala omnyama ukuhola iqembu lesifundazwe ezingeni eliphezulu lombhoxo njenge-Currie Cup eNingizimu Afrika.
Uma engafaka iSharks emdlalweni wamanqamu uMtembu uzobalwa nabadlali abanjengoGary Teichman (1995 nango-1996), Johan Muller (2008), Stefan Terblanche (2010) noKeegan Daniel (2013) bonke abahole iSharks emidlalweni yamanqamu eCurrie Cup.
Nokho uMtembu uthe ngeke azixake kakhulu ngokumele kuzuzwe nguye okwedlula okuhlalele iqembu.
“Yisizini yami yokuqala le njengokaputeni. Sibe nazo izingqinamba kule sizini kodwa sabuye saziqondisa. Kufanele singene enkundleni sikhohlwe okuningi namarekhodi. Isizini yonke bengidlala umdlalo ngamunye sengathi ngowokugcina. Nangempelasonto ngizodlala sengathi ngidlala umdlalo wokugcina njengokaputeni. Vele angazi noma ngesizini ezayo ngizobe ngisewuye yini ukaputeni,” kuqhuba uMtembu.
ISharks yiyo evikela isicoco kanti iLions sebeke bayithela othulini emidlalweni yamaqoqo kule sizini.
“Sinethemba lokuthi sizoqhubeka lapho sigcine khona sibehlula. Siyabazi bayinkinga kakhulu kuma-scrums.”
Isikwati seSharks:
15 SP Marais; 14 Tonderai Chavhanga; 13 S’bura Sithole; 12 Andre Esterhuizen; 11 Lwazi Mvovo; 10 Lionel Nronje; 9 Cobus Reinach; 8 Tera Mtembu ©; 7 Etienne oostuizen; 6 Jacques Botes; 5 Marco Wentzel; 4 Stephan Lewies; 3 Matt Stevens; 2 Kyle Cooper; 1 Thomas du Toit
Ebhentshini:
16 Monde Hadebe; 17 Dale Chadwick; 18 Lourens Adriaanse; JC Astle; 20 Khaya Majola; 21 Conrad Hoffmann; 22 Fred Zeilinga.