CELANI SIKHAKHANE
I HHOVISI likaSomlomo weSishayamthetho saKwaZulu-Natal lichithe isicelo sesizwe sakwaMsane sokuba kugudluzwe umfuziselo wesikhulu sikahulumeni wobandlululo uMnuz Theophilus Shepstone esisemagcekeni eSishayamthetho ukuze kufakwe esenkosi yaso uMnuz Saul Msane.
NgoLwesithathu uMnuz Nkululeko Ngcamu obambe njengemenenja ehhovisi likaSomlomo, ubenomhlangano noMnuz Zwakele Msane omele umkhandlu wesizwe sakwaMsane lapho kubhungwe khona kabanzi ngalesi sicelo.
“Ngokwesigaba somthetho ka-1999 iNational Heritage Act olawula ukufakwa kwemifuziselo noma ukususwa kwayo kumele afake isicelo esihambisana nalesi sigaba somthetho eMinyangweni efanele kuhulumeni,” kusho uNgcamu.
Isizwe sakwaMsane sikhala ngokuthi akukwazi ukuthi kungalokhu kugcinwe umfuziselo kaShepstone ngoba kuningi akwenza okwahlukumeza abaholi bendabuko kwaxoveka izinto ngesikhathi esaphila esebenzela uhulumeni wengcindezelo.
Isikhalo ngoShepstone siqale eminyakeni emihlanu edlule lapho ubukhosi baseNhlangwini ngaphansi kukaMntwana uMelizwe Dlamini babukhala ngokuthi balahlekelwa yisihlalo sobuNgonyama ngenxa kaShepstone.
UShepstone uzalelwe eBritain kodwa wazinza kuleli esebenzela uhulumeni wamaKoloni wagcina ngokuthi ashonele eMgungundlovu ngo-23 Juni 1893.
UMsane ubephakamise ukuthi kufakwe umfuziselo wenkosi yakwaMsane esiyakhothama ngoba yaba ngomuye wabaholi bendabuko ababa yingxenye yokusungulwa kwe-ANC waphinda waba yisishoshovu esasiphikisa iLand Act ka-1913 owawugunyaza ukuthathwa komhlaba wabamnyama unikezwa abamhlophe.
Lesi sizwe sikwenze lokhu ngemuva kokuqubuka komsindo oqalwe abafundi base-University of Cape Town bekhala ngomfuziselo kaJohn Cecil Rhodes kule nyuvesi ogcine ususiwe.
Kusukela lapho sekube nenqwaba yemifuziselo esicekelwe phansi okubalwa okaPaul Kruger, Mahatma Ghandi, Queen Victoria, Louis Botha, King George nesesishoshovu somzabalazo uNksz Nokuthula Simelane woMkhonto weSizwe esisesifundazweni iMpumalanga.