SIZWE BLOSE
UMSAKAZI weVibe FM uthi ukuchithwa ngeminye imisakazo kwamenza wagqugquzeleka kakhulu, wazitshela ukuthi noma ikanjani iphupho lakhe lizogcina lifezekile kwazise ungumuntu ongafuni kube khona okumhlulayo.
UMusa Vundla (31) utshele Isolezwe ukuthi usebuya emisakazweni ehlukene njengeZwi LoMzansi nalapho ayehambise khona i-demo kodwa bamchitha.
“Ngisho neVibe FM imbala esengiwumsakazi wayo ike yangichitha. Ngikwaze ukungena ngesikhathi ngicelwa nguZakhele Khumalo noBongani Nzama (abebengabasakazi) ukuthi ngizogqugquzela abantu ohlelweni lwabo, ngelinye ilanga abakwazanga ukuzokwenza uhlelo, uThembeka Zondo owayephethe izinhlelo ngaleso sikhathi wacela ukuthi ngibambe lolu hlelo,” kuchaza uMusa.
Uthe ngemuva kohlelo wathola ucingo luvela kumphathi siteshi emazisa ngohlelo okumele alwenze.
“Ngicabanga ukuthi ngaba nenhlanhla engandele muntu, okunye okwangisiza wukuthi ngike ngasebenzela umsakazo wakwiLove Life, ngesikhathi ngithola ithuba, ideski lokusakaza alibanga yinkinga,” kuchaza uMusa.
Uthe umphathi siteshi wamnika uhlelo olungena ngo-1 kuya ku-4, njengamanje uthi usengena ohlelweni olubizwa nge- International Express njalo ngoMgqibelo ngo-6 kuya ku-10.
Uthe uzalelwe waphinde wakhulela eMandeni, wafunda u-matric oThukela High, ube esefunda izifundo zokusakaza e-Intec College.
Uthe abazali bakhe basaphila bahlanu kubo.
“Ngizalwa nezintombi zodwa, yikhona nje ukuthi awukwazi ukukhuluma nazo yonke into, kunesikhathi lapho ngike ngifise ukuthi sasibabili abesilisa ukuze sicebisane ngezinto osisi bami engingeke ngizikhulume nabo,” kusho uMusa.
Uthe ushadelwe, unezingane ezinhlanu nonkosikazi wakhe uPearl Vundla.
UMusa uthi uzifela ngoLinda Sibiya no-Alex Mthiyane.
Uphinde waveza ukuthi uzithandela iDurban Kwaito, maskandi nowokholo kanti uma ezipholele uhlala kwaMax, eYadini noma KwaHlabisa.