NONTUTHUKO NGUBANE
B AKHISHWE ngenganono abesifazane ezindlini zabo ehostela laseMlazi iGlebelands ngempelasonto.
Abesifazane ababili baphume ngesamagundane endlini abahlala kuyona kwathi omunye “waxoshwa” nomndeni wakhe behlaselwa abesilisa ngezibhamu.
Isehlakalo sokuqala senzeke ngoLwesihlanu kuBlock 45 lapho kudutshulwe khona abesifazane besendlini yabo kodwa kwangalimala muntu.
NgoMgqibelo kuphinde kwahlaselwa omunye wesifazane obehlala nomndeni wakhe kuBlock 48.
Bonke kuthiwa bathuthile ezindlini zabo ngenxa yokwesaba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Jay Naicker ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokuzama ukubulala kulandela ukuhlaselwa kwabesifazane.
“Amaphoyisa aseMlazi aphenya icala lokuzama ukubulala kulandela isigameko saseGlebelands sokuhlaselwa kwabesifazane ngoLwesihlanu. Ngokophenyo owesifazane oneminyaka engu-37 uhlaselwe ngabasolwa abangaziwa esendlini yakhe. Badubule ewindini kodwa kwangalimala muntu. Isizathu sokuhlaselwa kwabo asaziwa,” kusho uNaicker.
Umthombo we Solezwe uthe abesifazane baxoshwa ezindlini zabo abafuna ukungena kuzo ngodli.
“Kudideke wonke umuntu njengoba sekuhlaselwa abantu besifazane bezihlalele ezindlini zabo. Kunzima kakhulu kule ndawo uma sekukhishwa abesifazane ngendluzula ezindlini zabo njengoba bedutshulwa. Omunye uphume nezingane zakhe abazi bazohlalaphi. Sithwele kanzima kuleli hostela asazi sizolanyulwa ubani isimo,” kusho umthombo.
Kuvele ukuthi esigamekweni sangoLwesihlanu kwafakwa incwadi ngaphansi kwesicabha sendlu eyayisabisa abesifazane ithi abaphume baphele kule ndlu uma bengafuni ukuphuma sebeyizidumbu.
Kwenzeka lokhu nje amaphoyisa ayiqaphe ngeso lokhozi le ndawo.
Abesifazane kuthiwa baphume endlini baqonda ekhumbini yamaphoyisa ebimi ehostela bawabikela ngalesi sehlakalo. Akekho osaboshiwe ngaleli cala.
Isolezwe lisanda kubika ngesigameko lapho indoda yakuleli hostela eyayisinde ihlaselwa, abesilisa abayihlasela bazama ukuyoyiqedela esibhedlela.
UMnuz Mbuyiseni “Maseveni” Maduna, owasinda ngokulambisa edutshulwa ngezinhlamvu eziyisithupha ngoJuni 11 ehostela, waphinde waphunyuka sekugasela abantu esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial, eMlazi, okusolwa ukuthi bebezomqedela.
UMaduna wadutshulwa eseduze kwendlu yakhe kuBlock O ehostela elungiselela ukuya emsebenzini.
Ukushuba kule ndawo kuqale phansi kudutshulwa uMnuz Sipho Ndovela owadutshulwa ngaphandle kwenkantolo eMlazi.
UNdovela wayengomunye wofakazi ecaleni lokubulala elithweswe uMnuz Bongani Hlophe, Mnuz Fezile Mbadu, Mnuz Innocent Zoro Jali noMnuz Lucas Nsampa Ndlovu. Leli cala lizobuyela enkantolo kusasa.
UNdovela wayengufakazi nasecaleni lokubulawa komngani wakhe, uMnuz Fikile Siyephu, wase-Eastern Cape nakwamanye ezigameko zokubulawa kwabantu ehostela.
Kusanda kudutshulwa uMnuz Themba Mpine (45) waseMatatiele washona eyongena lapho esebenza khona. Abahlala kuleli hostela sebehlale bethuka izanya ngenxa yalolu dlame.
Isolezwe labika ngokuthi abanye abantu abasakwazi ukuya emsebenzini ngenxa yovalo besaba khona ukuhlaselwa.