NONTUTHUKO NGUBANE
U YACHUMA umjaho wasebusuku iDurbanNite osungulwe ngowazakhela udumo njengomsakazi weGagasi FM waphinde waphatha iVuma FM, awusungulele ukugqugquzela abesifazane kwezokusubatha nokuqoqela imali isikhungo saseMlazi esisiza abanegciwane lengculazi, Ithembalabantu, ukuze sakhe indawo yokuzivocavoca.
UNkk Phindi Gule usungule umjaho wasebusuku ka-5km iDurbanNite Race okhula ngesivinini.
UPhindi uthe okwamnika umqondo wokuthi lo mjaho ube sebusuku yingoba efuna abesifazane abasebenzayo bakwazi ukuba ingxenye yawo ngoba sebephumile emsebenzini, benza nemisebenzi yasemakhaya.
“Kusukela ngisekwiGagasi FM bengisebenzisana nesikhungo Ithembalabantu sigqugquzela ukuzivocavoca. Ngithole ukuthi uma isimo sezulu singesihle siphazamisa ukuzivocavoca ngoba abanayo indawo abangayisebenzisa evalekile.
“Ngibe sengisungula lo mjaho ngomqondo omthathu, okokuqala ukuba sigcine sakhele lesi sikhungo indawo evalekile yokuzivocavoca, okwesibili ukugqugquzela abesifazane akuba banyakazise umzimba, kuba lula ngoba umjaho usebusuku okusho ukuthi sebephumile emsebenzini bakwazi nokunakekela imindeni.
“Okwesithathu idolobha iTheku lihle kakhulu, ukugijima ebusuku kunikeza ithuba lokubuka lobu buhle njengoba sigudla ulwandle nje,” kusho uPhindi.
Lo mjaho oqale kulo nyaka unabantu abangu-300, manje usukhule wafika kubantu abacela ku-1 000. Uba njalo ngoLwesihlanu lokugcina enyangeni. Uqala ngo-6.30 ebusuku. Kungenelwa ngoR60 umuntu ngamunye. Uthe ukuzivocavoca yinto okufanele yenziwe futhi ingayekwa ngoba kusiza kakhulu impilo yomuntu ikakhulukazi kwabesifazane.
“Ngeke ngiyeke ukulishumayela ivangeli lokuzivocavoca ngoba ngiyazi ukuthi kuyisize kakhulu impilo yami, kuningi engikuzuze ngokugijima. Ukugijima kukufundisa ukulinda nokuthembeka kokwenzayo.
“Uma ngiziqeqeshela iComrades Marathon kumele ngibe semgwaqweni isikhathi eside. Ngivuka ekuseni kakhulu ngiziqeqeshe ngisho noma kubanda kangakanani. Awukwazi ukuvele uyogijima ungaziqeqeshanga yingakho kudinga umuntu obekezelayo,” kusho uPhindi.
UPhindi uzogijima umjaho iComrades yesine kulo nyaka.
Abesifazane yibona abahamba phambili ngobuningi kulo mjaho wasebusuku ogudla ulwandle.
“Abesifazane abaningi bake baziyekelele imizimba yabo abanye bakhale ngokungabi naso isikhathi esanele sokuzivocavoca. Lo mjaho usebusuku ayikho into abangakhala ngayo.
“Okumangalisayo wukuthi abanye bafika nezingane zabo nomndeni wonke befuna ukuba yingxenye yalo mjaho. Kukhona zonke izinhlanga nokuyikho esikufunayo kuleli,” kusho uPhindi. Umjaho olandelayo ukusasa, kubhaliswa khona eMoses Mabhida ngaphambi komjaho.