ZAKHELE XABA
K UQHUME iqupha, kwajikijelwana ngezihlalo abalandeli bamabhokisa amabili oThabiso Mchunu nabaka-Ilunga Makabu waseDemocratic Republic of Congo (DRC) belwa ngemuva kokuhlulwa kukaMchunu.
Le mpi ebiseNkosi Albert International Convention Centre, eThekwini ngoMgqibelo ebusuku, igcine ngokuthi uyise kaMchunu, u-Alex avuze igazi ngesikhathi eshaywa ngesihlalo ngomunye wabalandeli.
UThabiso Mchunu uhlulwe ngomngqimuzo womlalisa phansi ngomzuliswano ka-11 empini ayiqale ngegiya eliphezulu.
Ngemuva kokuthi unompempe uDaniel van De Wiele waseBelgium eqedile ukubalela uMchunu, obewe ngobuso, kuvele kwangena eringini abalandeli bakaMakabu okuyilapho kusuke khona umsindo onogada bezama ukubakhipha. Kundize izihlalo, abantu basaphazeka, bethungatha izintuba eziseduze zokuphuma. Abanye bememeza bethi “Xenophobia”.
U-Alex, oyiphoyisa esiteshini samaphoyisa eCamperdown, utshele Isolezwe ukuthi uzithole esebambe impi emuva kokuthi ekhahlelwe ngomunye wabalandeli bakaMakabu obephuma eringini.
“Kwehle omunye wokufika wangikhahlela ngawa phansi. Wangikhombisa ngomunwe, ekhuluma ulimi lwesi-French ethi uzonginquma. Noma bengingezwa ukuthi uthini umunwe abewubeka entanyeni ungikhombisile ukuthi uchaza ukuthini. Ngithe akakhulume isiNgisi kodwa wavele wacosha isihlalo wangishaya ngaso, ngalimala phezu kwendlebe. Sizamile ukumbamba nabanye kodwa uqhubekile wasishaya nomunye umfana waseMaritzburg ngesitulo.”
Nakuba bekwenziwe konke ukuhlela le mpi ebisezingeni eliphezulu kodwa ezokuphepha bezingaqinile ngokwanele. Ubudlova babalandeli bakaMakabu, buqale ukubonakala lo mshayisibhakela esazongena eringini. Kuphoqeleke ukuthi umqeqeshi kaMakabu, uNick Durandt abavimbe sebefuna ukungena nethimba lakhe eringini. Emuva kwalokho baqhubekile balwa nonogada abebezama ukubasusa eduze kweringi kwazise kade sebegudlana namajaji okuyinto engavumelekile esibhakeleni.
Imizamo yokuthola uphromotha obehlele izimpi, uThulani Magudulela, ayiphumelelanga kwazise ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.