CHARLES KHUZWAYO
USHAQEKILE umnikazi wenkampani okuqopha kuyo iThe Soil, uSipho Sithole, ethola ukuthi iqembu lakhe beliqokwe kumaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards abese-University of Zululand, eMpangeni ngempelasonto.
IThe Soil esibuya nasemiqhudelwaneni ehlonishwa umhlaba wonke okubalwa kuyo namaBET Awards, iqunjwe phansi emkhakheni weBest Afro Soul ngumculi ongaziwa kangako uBochoko “Choko” Qwabe.
USithole uthe kumphathe kabi kakhulu ukuzwa ngokuqokwa kwalezi zihlabani kulo mqhudelwano ngoba ngokwazi kwakhe awukho ezingeni elifanele izingwazi kodwa wawakhelwe abaculi abasacathula ukuze baziwe.
“Besingazi nokuthi iThe Soil iqokiwe kumaSatma. NgoLwesihlanu mina nomkami besiyozibukela amafilimu ebhayisikobho singazi lutho ngamaSatma,” usho kanje.
Yize uSithole ephika elala ngomhlane ukuthi ubazi ngamaSatma futhi ethi kwakumele baziswe ukuthi iqokiwe ithe Soil kodwa ohlunga amaciko asuke engenele, ongagunyaziwe ukuphawula kwabezindaba, ukugcizelele ukuthi iThe Soil yangenela.
Uthe mhlawumbe ugogo kaMengameli wase-USA, uSarah Obama, nguyena ogcine ekhethe umculi owinile.
“Mhlawumbe kulandwe ugogo kaBarack Obama kwathiwa akasho ukuthi uthini kulaba abahlanu abaqokiwe, wathi yileli (uChoko) okufanele liwine ngoba nakhona ebona linegama lesintu,” kusho uSithole maqede ephela yinsini.
Uthe esaqala amaSatma wayewahlonipha ngoba ezitshela ukuthi lukhulu eza nalo kodwa kuthe uma ehambela imicimbi yawo kabili, wathola kunobuhixihixi, wangabe esaphinde alubeke olwakhe unyawo kuwo.
Uthe indlela amaSatma aqhutshwa ngayo kayifani neminye imincintiswano yokuklomelisa abaculi njengamaSama namaMetro FM Music Awards.
“KumaSama ufike uhambise umsebenzi wakho bese ukhokhiswa imali ekhombisayo ukuthi uwabeka ezingeni elicokeme. Nina banikazi bezinkampani niyamenywa kuhlalwe phansi nani ukuze nicubungule iminxa ukuthi ngabe abaculi bafakwe eminxeni efanele yini.
Njengokuthi uL’vovo ufakwe kwi-kwaito yini, hhayi kwi-hip hop. Ngemuva kokuba sekuvunyelwene, kuhanjiswa leyo mingenelo emajajini okuyiwo ahlulelayo ukuthi yibaphi abaculi abanikeza amaphuzu, asuke ehlukene. Kube sekuthathwa leyo miphumela iyiswa kubacubunguli.”
Uthe izinkampani zabaculi kaziwathathi amaSatma njengomqhudelwano osezingeni, yingakho iningi lazo lingawangeneli.
UChoko uhlule iThe Soil
nezinye izilomo eziqokelwe kulo munxa oMoneoa, Simphiwe Dana, Unathi Msengane neThe New Beam Brothers.
Yize kuvotwa kumaSatma kodwa isinqumo samajaji ngu-60% bese amavoti wona enza u-40%.