MHLENGI SHANGASE
KUZOBA nezinguquko ezinqala kwezemfundo KwaZulu-Natal njengoba abafundi bakwaGrade 10 no-11 sebezobhala izivivinyo ezisethwe nguMnyango wezeMfundo hhayi ezikoleni.
Lezi zivivinyo, ezizogxila ezifundweni ezithathwa njengezinzima iMaths neSayensi, zizobhalwa njalo ngekota yonyaka.
U-matric kuphela okwamanje obhala izivivinyo ezisethwe ngumnyango, amanye amabanga abhala ezisethwe ezikoleni.
UDkt Nkosinathi Sishi, oyinhloko yomnyango, uthe lezi zinguquko ziza nohlelo obelwethulwa eSikhawini izolo iSijika Imfundo.
Isifunda uThungulu esesibili ukwethula lolu hlelo oluqale esifundeni iPinetown.
USishi uthe inhloso yokuthi kubhaliswe lezi zivivinyo wukuqinisekisa ukuthi kushaya isikhathi esithile othisha sebenze umsebenzi ababekelwe wona.
“Asisafuni ukugxila kwa-matric kuphela ngoba iwona kuphela obhala lezi zivivinyo ezisethwa ngumnyango. Kodwa sifuna ukuqala kwaGrade 10 nakwaGrade 11 ukuze umfundi afike kwa-matric esejwayele ukubhala lezi zivivinyo. Ukubhalisa izivivinyo kuzoqinisekisa ukuthi umsebenzi othisha bawenzile ngoba sisuke sibabekele ukuthi ngesikhathi esithile babe sebephothule umsebenzi ongaka,” kusho uSishi.
Uthe kulolu hlelo basebenzisana nongoti kwezemfundo uSolwazi Mary Metcalfe, owayenguMqondisi-Jikelele eMnyangweni weMfundo ePhakeme.
Ezintweni ezizokwenzeka kulolu hlelo wukufundisa izifunda nezikole ngendaba yokuphatha imali nendaba yamalivu othisha.
“Ithimba elibhekele ihhovisi likandaba zabantu lizofika lihlale kuleso sifunda lifundise ngokugcwaliswa kwamalivu othisha, ukuthunyelwa kwawo enhloko hhovisi nokugcina olunye ulwazi ezikoleni. Kuzogxilwa nasezintweni ezithinta ukuphatha imali okuyinto ejwayele ukuba yinkinga kakhulu,” kuqhuba uSishi.
Uthe futhi akuzugxilwa kuphela nasemiphumeleni ka-matric kodwa kuzogxilwa nasezivivinyweni zamabanga aphansi i-Annual National Assessments (ANA).
“Njengoba lolu hlelo luqale kulezi zifunda ezimbili, kuqeqeshwe abaqondisi nabeluleka ngezifundo kulezi zifunda ngoba iPinetown inezikole ezisemadolobheni bese iba nezikole ezisemakhaya okubalwa ezikwaSwayimane. UThungulu lunezikole ezisemakhaya okubalwa iNkandla nezinye izindawo yingakho siqale kulezi zifunda. Sihlose ukuthi kuphele unyaka lolu hlelo lube selwenabele nakwezinye izifunda ngoba sifuna ukuthi ngonyaka ozayo lube selusebenza ngokugcwele.”
Uthe luzoqinisekisa ukuthi othisha bayaya ezikoleni, bafika ngesikhathi esifanele futhi bayafundisa okungenani amahora ayisikhombisa ngosuku.