BONISWA MOHALE
K UMI ngomumo ngamalungiselelo omjaho iVodacom Durban July kwazise wonke amatende asegxunyekiwe afakwa nefenisha.
Isikhulu sezokuxhumana nokukhangisa eGold Circle, uNkk Gill Simpkins, sithe sebelinde usuku olukhulu uMgqibelo ukuze bemukele abathandi bemfashini nomjaho wamahhashi abangaphezu kuka-50 000.
Uthe konke kuhamba kahle njengoba sekuphothuliwe ukufakwa kwamatende.
Phakathi kwezinto eziba khona kula matende yindawo yokubhucungwa izinyawo, eyokuziphophotha nokulungisa izinwele neyokuthatha izithombe.
“Kunamatende ahlukahlukene, sifake indawo yokubhucungwa izinyawo ukuze abathandi beVodacom Durban July bezokwazi ukuphumula kahle uma sebegcogcoma ngoMgqibelo. Kunamathelevishini amaningi abantu abazokwazi ukubukela kuwo okuzobe kwenzeka. Kuzobe kukhona abaculi, oDJ nayo yonke inhlobo yobumnandi,” kusho uNkk Simpkins.
Amatende amaningi ayizitezi kanti anezindawo zokudla nokuphuza.
Kusukela ngoLwesine abapheki abangu-40 bazoqala ukupheka izibiliboco zokudla okuyizinhlobonhlobo ezingu-15 000.
Bazosebenza amahora angu-11 ukuze bonke abahambela umjaho bezohamba besuthi.
Bangu-390 oweta abazobe besebenza iziphuzo zizobe zixhaphakile kwazise :
n Angu-17 000 amabhodlela kabhiya azophuzwa.
n 256 000 amabhodlela amanzi.
n 2 500 amabhodlela kagologo.
n 900 amabhodlela amawayini
n 80 amalitha ejusi.
n 450 amalitha obisi azokwenzelwa abathandi bekhofi netiye.
n 8 000 amapuleti ka-curry ne-rice.
n 2 200 kg wenyama, u-750kg kuzobe kuyinkukhu, 280kg kungama-prawns, 300kg crayfish, 2 600 amaqatha esushi, 1 200 ama-oyster.
Bangu-2 500 ophaya abazobe bedliwa.
n 2 000 ama-burger bese ehliswa ngamalitha angu-350 ka-ice cream.
n Angu-7 000 amabhanisi azokwenziwa.
n 80kg wemajarini, amadazini angu-100 amaqanda.
n 50kg amakhowe
n Amaphakethe angu-20 kashukela
n 550 kg werayisi ezindaweni eziphethwe yi-Greyville Racecourse.
Abagqugquzeli bomcimbi bathe abangafuni ukuphathwa yikhanda bebhekana nendawo yokupaka kumele bathenge amathikithi okuhanjiswa yizimoto eGreyville Racecourse. Amathikithi atholakala eComputicket kuzwelonke nasemahhovisi akwaGold Circle aku-Avondale Road.