SIZWE BLOSE
ISIMO simapeketwana kwiVuma FM njengoba kulindeleke ukuthi idilize inqwaba yabasebenzi ngenxa yokuba kubi kwesimo sezimali.
Umthombo we Solezwe ongashayi eceleni uthe bonke abasebenzi beVuma sebazisiwe ngalesi simo.
“Abasebenzi bonke batshelwe ukuthi iminyango ezothinteka kakhulu ngowezinhlelo, okungasho ukuthi izembe lizogadla kubasakazi kuphela kodwa nabanye babaphathi, kube owezokukhangisa nowezokumaketha,” kusho lo mthombo.
Uthe labo abaphathiswe izikhundla ezithize kulo msakazo nabo bahlalele ovalweni njengoba ikusasa labo bengalazi.
Umthombo uthe isimo seVuma sinzima kakhulu, waveze nokuthi selokhu kwahamba obengumphathi wayo uPhindi Gule akekho owangena esikhundleni sakhe.
Uthe uFerdinand Mabalane okuthiwa ungumphathi siteshi, useze kabili nje vo kulo nyaka kwazise uphinde aphathe iRise FM eseMpumalanga nesiteshi esizovulwa eNorth West.
“Lo msakazo uphinde ungabi naye umuntu ophethe izinhlelo. UMbali Gcabashe usabambile, wacelwa nguPhindi Gule owayengumphathi siteshi ngaleso sikhathi ngoba uThando Makhunga owayephethe izinhlelo esethole amadlelo aluhlaza kwiHighveld Stereo.”
Lo mthombo uphinde uveze ukuthi empeleni kulo msakazo kukhala isicathula sikaTony Mallam ongumpathi wemisakazo engaphansi kweTimes Media Group okubalwa kuyona iVuma, Rise, Smile FM eseKapa nowaseNorth West.
“Ngukusho nje ukuthi kunomuntu onesikhundla kulo msakazo, uTony uyena umphathi wangempela,” kusho umthombo.
Isolezwe linayo incwadi eveza lezi zindaba ezithinta ukudilizwa kwabasebenzi nokungenzi kahle kwalo msakazo ngokwabalaleli nasezikhangisweni esisayinwe nguTony.
Okunye ngeVuma iqale kungumsakazo wamaKrestu osakaza ngesiZulu kodwa manje ayisaqondakali ukuthi ikhuluma nobani, kulindeleke ukuthi igqame kahle uma seyishintsha izinhlelo ngoMeyi 1.
Abasakazi okuthiwa sebazisiwe ukuthi ababuyi ngoMeyi kubalwa uFundi ‘Teddy Bear’ Xaba, Thulas Luthuli, Mandla Masondo, Phindy K, Protas Mkhize noDumi B.
Kanti abazongena ngo-Archie Majola ozongena ekuseni ngezimpelasonto, JD Mdu ozongena ohlelweni obelwenziwa uDumi B, uMakhosi Khoza naye okuzwakala ukuthi ujoyina iVuma kuthiwa angase angene ohlelweni olwenziwa uLucky Sefatsa yena osezongena ngo-12 kuya ku-3 njengoba uLinda Ndimande esezotholakala ngezimpelasonto, uJacinta Ngobese uzongena ngo-9 kuya 12, akucaci kahle ngoSister Kay, uPhumlani Dube noMsizi Shembe nabo bangabanye babasakazi abazozwakala kwiVuma ngoMeyi.
Abasezindabeni banikwe izinyanga ezintathu kusukela ekuqaleni kukaMeyi.
ULydia Mtshali okhulumela lo msakazo uvele wathuka ebuzwa ngalolu daba, wathi luthathwephi lolu lwazi ngoba luyimfihlo futhi olwangaphakathi.
“Ngeke ngikwazi ukuphawula ngalo, engingakusho wukuthi uhlu lwabasakazi abasha nabangeke babuye bazomenyezelwa ngesonto elizayo,” kusho uLydia.