BAWINILE NGCOBO
B ATHI bashaywa baphoqwa ukuthi benze izitatimende zokuvuma icala nokuthi bakhombe indawo yesigameko abasolwa abathathu kwabahlanu ababekwe icala lokubopha itulo lokubulala iphoyisa lophiko lwe-National Convention Unit (NIU), eMariannhill ngo-2013.
Ababhekene necala eNkantolo eNkulu eThekwini nguMnuz Mthokozisi Parker Ngcobo, Khulekani Vilakazi, Wonder Meyiwa, Anele Gumbi noSiyabonga Hlophe.
Babhekene necala lokuhlela ukubulala nelokubulala uConstable Thabo Mlotshwa, abanye babekwe elokusiza ukuvimba ukwenzeka kobulungiswa, ukweba, ukuhlela nelokushaya.
Umsolwa wokuqala uNgcobo nguyena yedwa obhekene necala lokubulala. Ubekwe nelokushaya ngenhloso yokulimaza uNksz Beatrice Mbothwe okuthiwa wayethandana naye noMlotshwa.
Izolo inkantolo ilalele ubufakazi bamaphoyisa abekhuluma ngokwenzisa abanye babasolwa izincwadi zokubaxwayisa ngamacala abasuke bewenzile.
Inkantolo ike yama izikhawu ngenxa yokuthi bekunomqulu wemininingwane ethile ebidingwa wummeli ingekho enkantolo ukuze aqhubeke nokupheka ngemibuzo omunye ufakazi.
Ijaji uGraham Lopes likhombise ukunengeka ngalokhu lathi akwamukelekile ngoba akusiyo indlela okuqhutshwa ngayo uma kuqulwa icala.
Inkantolo iphinde yaphazamiseka kusanyamalele ofakazi bombuso okuthiwe bayolanda iSAP 13 esiteshini eMariannhill.
Lithwale kanzima iJaji lagcina lizikhalela ngokuthi konke obekwenzeka akwamukelekile.
UCaptain Dumisani Hlongwa ongumphenyi wecala utshele iNkantolo ukuthi ngoNovemba 24 wayesemsebenzini ezothatha isitatimende sikaMeyiwa. Uthe wamchazela ngecala ayesolwa ngalo lokubulala, wamchazela ngamalungelo akhe njengoba ebekiwe kumthethosisekelo.
Uthe uMeyiwa wayebambisene kahle naye kanti wathi ufuna ukukhulula isifuba sakhe akhombe nendawo yesigameko.
Uthe uMeyiwa wathi uyawaqonda amalungelo akhe.
UHlongwa uthe wama uma ethi ufuna ukuyokhomba indawo yesigameko, wafonela uMajor Gcwabaza waseNtuzuma owavuma ukuthi uzomyisa kokhomba.
Uthe wahlela ukuthi uMeyiwa ahanjiswe kudokotela.
Umshushisi uNksz Zandile Mshololo uthe kunezitatimende zikaNgcobo, Vilakazi noMeyiwa afuna ukuzibeka ezithebeni zenkantolo. Abameli babamangalelwa bathe bazokuphikisa lokho. Umshushusi ube esecela ukuthi babhale ukuthi bakuphikisa ngaliphi lokho.
ULopes ubuze ukuthi kunani uma besho ngomlomo. Abameli bathe abamangalelwa bathi bashaywa, kabazenzanga ngokuthanda nangokukhululeka izitatimende kanjalo nokukhomba indawo yesigameko.