ZODWA NDABA
UMPETHA waseNingizimu Afrika ka-100m, uSimon Magakwe, ubona kumcije kangcono ukuba nesikhathi esiningi eqhudelana nabasubathi abasezingeni eliphezulu emhlabeni ngaphambi kwamaCommonwealth Games ka-2014.
UMagakwe, oseqenjini elimele iNingizimu Afrika kumaCommonwealth Games aqale izolo eGlascow, eScotland, uzogijima ngeSonto.
Umsubathi waseNorth West ubezicijela lo mqhudelwano kuDiamond League lapho encintisane khona nabasubathi abahlonishwayo ku-100m okukhona kubo uJustin Gatlin wase-USA, Bailey Cole waseJamaica no-Adam Gemili waseGreat Britain.
“Yize kungekhona okokuqala ngiqokelwa ukuya kumaCommonwealth kodwa ngiyaqala ukuthola ithuba lokuthi ngimele izwe lami ngoba phambilini ngalimala ngaphambi kokuqala kwemidlalo. Ngiyakujabulela ukuthi sengigcine ngikwazile ukumela izwe lami, sesiside isikhathi ngililindile. Leli thuba ngizolisenzisa ngendlela, ngiyakholwa ukuthi ngizilungiselele kahle,” kusho uMagakwe.
Uthe ukugxila emiqhudelwaneni ese-Europe kuzomenza abe wumsubathi ongcono ngosuku lomjaho.
“Kungisizile kakhulu ukuziqeqesha e-Europe. Ukugijima nabasubathi abasezingeni eliphezulu yikhona okuzongenza ngibe sezingeni eliphezulu ngelanga lomqhudelwano. Abasubathi ebengigijima nabo bakwenza wethuke ngaphambi kokuthi kuqhume isibhamu futhi banamandla kakhulu ku-30m wokuqala. Mina angiyena umsubathi oqala ngesivinini kodwa lokhu yinto engisebenza kanzima ukuyilungisa ukuze ngithole igolide ezingeni lomhlaba,” kusho uMagakwe.
UMagakwe, oqeqeshwa ngu-Eugen Thipe, uphethe irekhodi laseNingizimu Afrika lika-100m (9.98) aliqophe ngo-Ephreli kumaSA Senior Championships.
Ube ngumgijimi wokuqala eNingizimu Afrika ukuqopha isikhathi esingaphansi kuka-10:00. Irekhodi ebelikhona belingu-10:06 abeliphethe ngokubambisena noJohan Rossouw.
Uthe uyabazi ubunzima azobhekana nabo eGlasgow kodwa isifiso sakhe wukuthi akwazi ukuzibekisela indawo kowamanqamu. “Uma usufike kowamanqamu ngeke wazi ukuthi yini ezokwenzeka khona, yingakho isifiso sami kuwukuthi ngiyafinyelela khona ngoba kusondelene kakhulu nokuthola indondo,” kusho kanje.
Uthe empeleni bayamethusa bonke abagijimi azoqhudelana nabo ngoba bonke basezingeni eliphezulu yingakho beqokwe amazwe abo ukuthi babe kumaCommonwealth Games.
UMagakwe uzophinde agijime ku-4x100m relay lapho ezobe ehambisana khona no-Akani Simbine, Ncinci Titi noHenricho Bruintjies. USimbine naye uzogijima ku-100m. Uma bedlulela phambili bazogijima kweyandulela owamanqamu ngoMsombuluko ekuseni kuthi ebusuku bagijime kowamanqamu.
Imidlalo yanamuhla imi kanje
SS4 – Hockey women : South Africa v Trinad and Tobago 3pm,
Swimming
SS4 – Heats 11.30pm
SS4 – Final, 8pm