SIZWE BLOSE
K UNEZINTO ezenzeka emisakazweni ovele ungaqondi nje ukuthi zenzeka kanjani. Kulezi zinsuku ngixakwe yiGagasi FM engingazi ukuthi lisebenza kanjani.
Ngeledlule ngithole i-email evela kuSiphelele Ndokweni ozichaze njenge-Acting Marketing Manager kulesi siteshi.
Njalo ekuseni ngifika emsebenzini ngivule ama-email ngibheke okuhlabahlosile engingakwazisa abafundi kepha ebiqhamuka kuSiphelele ngiyibone ingichithela isikhathi. Ngize ngazibuza ukuthi usebenza kanjani emsakazweni uma ungawafundi amaphephandaba?
Angazi noma uyithumele ngenxa yengcindezi yokuthi eminye imisakazo iphumele obala ngezinguquko zayo yini ekubeni bona besalokhu befihle induku emqubeni ngezinguquko zabo.
I-email yakhe isitshela ngezinto okudala kwabikwa ngazo engingathi nje ‘sezabola’ kepha bona bazama ukuzenza into entsha.
Okokuqala nje, uSiphelele usitshela ngoSiya Mhlongo ukuthi ujoyina Ukhozi FM okuyinto eyabikwa kudala.
Uphinde asitshele ngoJacinta Ngobese ukuthi uqokiwe kumaMTN Radio Awards, nalo lolu daba kudala kwabikwa ngalo.
UCharity Shezi kade kwabikwa ukuthi uxoshiwe kwiGagasi kwabikwa nangodaba lokumiswa kukaZookey Zarling.
Lokhu kungenza ngizibuze ukuthi ngempela uma ungene esikhundleni esiphezulu kangaka njengebamba kungani uthumela i-email ekhuluma ngezinto okudala kwabikwa ngazo?
Mhlawumbe uSiphelele wachazeka uma ebona izinguquko zakweminye imisakazo waswela ukuthi yena uzothumelani wabona kungcono ukuqoqa yonke imibiko yamaphepha waphinda wayithumela kuwona futhi?
Ngokwami ngimbona eganga lo mphathi ngoba phela kuyasetshenzwa ayekwenza kungukumosha isikhathi sabanye.
Uma ekwenze ngephutha cha siyamxolela kodwa uma kuyinhloso akakhumbule ukuthi kuthatha isikhathi ukufunda i-email ngoba kumele uyiqonde bese uyayiphendula noma wenze okuthize ngayo.
Angicabangi ukuthi kuyinto enhle ukulandela ngemuva kulokho okwenzeka emsebenzini wakho.
Isibonelo nje ngumbuzo wokuthi kungani singezwanga zisuka ngeGagasi ukuthi uJacinta uqokiwe kumaMTN Radio Awards kwazise wudaba oluhle lolu ukulutshela abantu?
Kungani udaba lokumiswa kukaZookey lungadalulwanga iGagasi FM luze luvezwe imithombo?
Ngemuva kokubikwa kwalezi zindaba abamaphephandaba ngosizo lwemithombo ethembekile ngaphakathi kulo msakazo wona uvele weza ngemuva wasithumelela izinto esezibikiwe zaze zenzeka.
Yini embi ngokuthi abezindaba baziswe ngokubuya kukaKhulekani Shandu, kungani lo mphathi ebone kukuhle ukwazisa abezindaba ngodaba vele asebalubika?
Iseluleko engisibhekisa kulo mphathi obambile ngesokuthi, ethanda engathandi, ngeke akufihla okwenzeka emsakazweni ngoba imithombo ikhona yonke indawo futhi iyohlale ikhona.
Okubi kakhulu wukuthi wena mnikazi wendaba ulandele ngemuva entweni ethinta wena ngqo.
Bheka nje ngoba leli phephandaba lalivele selazi ukuthi iGagasi ngeke liyivuselele inkontileka yomphathi jikelele uChris Meyiwa, esikhundleni sakhe bekumele kungene uMlamuli Nxele oke waba yiMarketing Manager yoKhozi FM.
Liyazi futhi ukuthi uVukile Zondi oke waba ngumphathi wezinhlelo ucishe washiya ngenxa yokuthola amadlelo aluhlaza bambamba ngokumnika isikhundla akusona manje.
Ngesinye isikhathi kungcono ukuqasha umuntu ongaphakathi olwaziyo usiko lwenkampani kunokuphumela ngaphandle.
Ngisho usuthanda awusoze waba namandla okufihla into ehlanganisa abanye abantu iyoziputshukela nje ngisho ungabadonsa ngendlebe uthi abangatsheli muntu.
Kokunye kungcono uma kuphuma kuwona umsakazo ngoba ukufihla kwawo kugcina kungasasizanga ngalutho.
n Okunye okungahlangene neGagasi FM yisicelo esibheke kubaphathi bemisakazo. Ake banike ikhono elisha ithuba emsakazweni. Ukubuyiswa kwabasakazi abadala bangene bephuma emisakazweni ekubeni ikhona intsha enekhono akukuhle.
Kulokhu kushintshwana ngoJust Ice, Ernest Pillay, Bertha Charuma nabanye kwi-2000, Phat Joe kwiMetro FM, Chilli M kuKhozi, Putco Mafani kuMhlobo Wenene nabanye. Ake kuphele lokhu kutholakale ikhono elisha.