FANELESIBONGE BENGU
N JENGOBA sekubalwa amasonto kuphele unyaka, abantu sebezoqala ukubhala izinqumo zabo zezinto abafuna ukuzenza ngonyaka ozayo ezinkundleni zokuxhumana.
UPearl Thusi, ongumethuli wezinhlelo zethelevishini, umsakazi nomlingisi, uthe yena akakholelwa ekudaluleni izinqumo zakhe kunalokho uzigcina kuyena ngaphakathi.
“Abantu kabafani. Ungathi ubaxoxela ngamaphupho akho bavele benze konke okusemandleni abo ukuwavimba ukuthi afezeke. Ngikholelwa ekutheni konke ofuna ukukwenza ukubeke enhliziyweni bese uNkulunkulu eyakulekelela ukuthi kufezeke,” kusho uPearl.
Usanda kwethula imikhiqizo yokunakekela izinwele ezotholakala kwaGame kusukela ngoLwesithathu.
“Ngingumuntu onjalo. Ngifuna ukuthi umsebenzi wami kube yiwona ozikhulumelayo.”
Empilweni izinto zibukeka zimhambela kahle njengoba engumethuli wohlelo lomculo kuSABC 1, i Live Amp, ulingisa emdlalweni owuchungechunge kuSABC 3 Isidingo, ungumsakazi kuMetro FM futhi uyinxusa ezinkampanini ezehlukene njengeVolkswagen.
Uthe uma ubuka impilo yakhe ukude ubona sengathi konke kuhamba kahle kanti empeleni kuningi adlula kukho.
“Abantu kumele bakuqonde ukuthi ngiyafana nabo nginenyama negazi njengabo. Kuningi okungiphunyukile empilweni ngenxa yabantu abangiqambela amanga kwabezindaba kodwa uNkulunkulu usangibhekile. Sengathatha isinqumo sokuthi abantu abangigxibhayo ngingabanaki kuphela amehlo ami ngiwabhekise kuJesu. Nginaka labo kuphela abagxeka ngokwakhayo, abakubonisayo ukuthi ubungenza ngcono kanjani.”
UPearl uthe empilweni yakhe akababheki abanye abantu abakwezokungcebeleka ukuthi benza ini kodwa uzenzela into yakhe ngendlela yakhe. Uthe akanalo uvalo ukuthi kungaba khona ozakwabo abangamthathela umsebenzi noma aphunyukwe amathuba ngenxa yabo.
“Kumele umuntu azimisele angazixaki ngokuthi abanye benzani. WuNkulunkulu owazi ukuthi yini okumele uyenze. Ngeke athathe isipho somunye umuntu asinike omunye. Uma into ingafikanga kimi ayifikanga. Omunye umuntu angazi-ke yena ukwamukela kanjani.”
UPearl (27) ungumuntu othi uma ekhuluma lingasali igama likaNkulunkulu. Uthe ukhule eyazi indlu yesonto kwazise eHammarsdale lapho ekhulele khona ubesonta eChurch of the Ghost elidume ngokuthi yiKwaMoya.
“Lapha eGoli ngikhonza eRhema noma endlini ngokufunda iBhayibheli. Ngikholwa wukuthi umuntu ukhonza ngezenzo ngoba ungaya esontweni kodwa uma ungenzi kahle kufana nento engekho.”
Yize ematasatasa uthe uyasithola isikhathi sokuphumula. Uthe uma esithola usisebenzisa endlini ngokulala noma nendodakazi yakhe uThandolwethu athe ibuye ihlale nakuyise uWalter Mokoena. Uthe uyafisa ngelinye ilanga ukuba nomndeni wakhe kodwa okwamanje akakathathwa. Ukhuluma kanjena nje aqinile amahlebezi okuthi omunye umsakazi weMetro FM othula ezemidlalo uRobert Marawa useke wafika kubo ezocela isihlobo esihle.
Uthe ngoDisemba baningi abantu abamfonelayo befuna abe khona emicimbini yabo. Njengoba engumuntu osebenza ohlelweni lwezomculo, ziningi izingoma ezihambe phambili acabanga ukuthi zizoba sohlwini lwezingoma ezizohlukanisa unyaka.
“Ngiyithandile iBoss Zonke kaRiky Rick, All Eyes On Me neBaddest ka-AKA, izingoma zikaBlack Coffee zimnandi kanjalo nezikaZahara. ISkhanda Love ka-KO noNandi ngenye yezingoma engizithandile. Okujabulisayo wukuthi umculo wakuleli uyakhula okuyinto enhle.