SIZWE BLOSE
N GICABANGA ukuthi ayiyinhle indaba yokugxeka umsakazi uma izinombolo zabalaleli zingahambi kahle.
Ngokwami kumele iziphathimandla zomsakazo zibheke konke okuthinta umsakazo ngaphambi kokuthi zikhale ngomsakazi.
Ungalanda nanoma yimuphi umsakazi ngethemba lokuthi kuzonyuka izibalo zabalaleli kodwa uthole ukuthi umsakazo ugidagida ndawonye.
Uma kukhona umnyango oxegayo emsakazweni, izibalo zabalaleli ngeke ziye ndawo.
Isibonelo, uma kungukuthi imibhoshongo kayinawo amandla umsakazo uyahohoza, ngisho ungalanda muphi umsakazi ngeke enze lutho.
Imibhoshongo ineqhaza elibalulekile ekunyukeni kwezinombolo.
Isikimu onaso sabasakazi sibaluleke kakhulu, emsakazweni ngeke ugxile kumsakazi oyedwa onedumela bese uthi uqedile, izibalo sezizonyuka, ngisho sewukhala ngeke zenyuke ngoba kukhona lapho okuxega khona.
Uma umdidiyeli wohlelo ebuthaka, vele ukhohlwe ukuthi izibalo zabalaleli zizonyuka, phela umdidiyeli wohlelo ufana nenjini yemoto, uma kunobuthakathaka ohlangothini lwakhe izinto zigcina zibheka eceleni.
Ngakho-ke ngibona kuyiphutha ukugxeka noma ukuxosha umsakazi uma isibalo sabalaleli sehla.
Enye into eyaye ibaluleke ngukubeka abasakazi endaweni ebafanele, isibonelo uma uzothatha umuntu okumele enze izinhlelo zemingcwabo umfake ekuseni emsakazweni, uyadlala uma uthi ufuna ukunyusa isibalo sabalaleli.
Ngiyazi inkinga ephinde idale lokhu ngukuthi sekungenwa ngezindlela eziningi emsakazweni. Kodwa ekugcineni lokhu kuyaphazamisa ekunyukeni kwesibalo sabalaleli yingakho ngithi akukuhle ukugxeka umsakazi noma umxoshe uma umsakazo ungenzi kahle ngasohlangothini lwabalaleli.
Enye inkinga enkulu kuba ngukudayiseka komsakazo, umsakazi angeza nawo wonke amaqhinga kodwa uma kungukuthi umnyango wezokumaketha awubenzi ubulungiswa, abalaleli bazogidagida ndawonye noma behle, angibaboni bekhula.
Isibonelo esihle yi-East Coast Radio, uphiko lwezokumaketha lwalo msakazo luyabenza ubulungiswa.
Lo msakazo ubamba iqhaza emicimbini eminingi eyenzekayo futhi uyaqhamuka nemicimbi ezisungulele yona, awulindi ukuxhasa imicimbi yabantu njengoba kwenza eminye imisakazo.
Abasakazi bayo ubathola beshayela izimoto zezinkampani ezehlukene, uphawu lwayo alusali, ngisho emagaraji ahlukene nasezitolo uthola kulalelwe lo msakazo.
Akuwona umlingo, nanoma yimuphi umsakazo ungakwenza lokhu kodwa isikhathi esiningi uthola ukuthi iminyango yezokumaketha nayo ayikwazi okulindeleke kuyona.
Nabo abasakazi sizobagxeka kulokhu, iningi labasakazi beminye imisakazo alibonakali ndawo, bheka i-5FM, abasakazi bayo abanjengo-Euphonik, Milkshake, Miss Cosmo bahlale besemehlweni abantu.
Ngike ngizibuze nje ukuthi kungani abasakazi beGagasi FM noma boKhozi FM kumbe abeVuma FM bengangeni kwithelevishini.
KunoWarras abaqala ukubonakala besekwiYFM noDJ Fresh kodwa kulena do.
Angigxeki abasakazi kodwa umbuzo oba mkhulu ngothi umnyango wezokumaketha uyabenza yini ubulungiswa ekumaketheni abasakazi nomsakazo?
OkoKhozi okwezandla ngoba luyingxenye ye-SABC, abasakazi bayo kumele ngabe banezinhlelo abazenzayo, angikhulumi ngolukamaskandi olwaqalwa oBhodloza Nzimande kudala mhlawumbe ne-SABC ngaleso sikhathi yayisabuka uKhozi njengomsakazo womculo wesintu nje kuphela.
Kungani singabi nomsakazi woKhozi owenza i Live Amp, The Link, Zaziwa nezinye izinhlelo?
Ngisho ngoba sike saba noCyril Bongani Mchunu owayenza uhlelo kwa-SABC TV olwalubizwa NgoMgqibelo KaMokebelo olwalunedumela.
Sekonakelephi pho manje?
Ngiyazi abalaleli bayathanda ukuzibonela abasakazi babo, kuningi nje nokunye okungadala isibalo ukuthi sehle kepha okubi ngukugxeka noma uxosha umsakazi.