INTATHELI YESOLEZWE
AMAPHOYISA aseGoli athi luyaqhubeka uphenyo mayelana nokubulawa kukanozinti weBafana-Bafana ne-Orlando Pirates, uSenzo Meyiwa.
Okhulumela amaphoyisa aseGoli, uBrigadier Neville Malila, uthe akukho abangakubika namuhla ngaleli cala ngaphandle kokuthi uphenyo luyaqhubeka.
UMeyiwa ubulawe eVosloorus, Ekurhuleni, ngesikhathi evakashele isinqandamathe sakhe uKelly Khumalo ngo-Okthoba.
Kusolakala ukuthi amadoda amabili agasele la babehleli khona afuna amaselula ngaphambi kokudubula abulale uMeyiwa.
Iphephandaba iCity Press lisanda kubika ukuthi amaphoyisa aphenya labo ababekhona ngesikhathi kubulawa uMeyiwa.
Bathe abaphenyi abathathu abathinteka ekuphenyweni kwalo bathe basola ukuthi oyedwa wabantu ayejwayelene nabo nguye owambulala.
“Ngingakuqi-nisekisa ukuthi umuntu owayekhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko uzothathwa ayophekwa ngemibuzo futhi kungenzeka aboshwe emuva kwalokhu,” kusho omunye wabaphenyi.
Elinye iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba laveza ukuthi abantu abayisithupha okuthiwa babekhona ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko bazobekwa icala lokuqamba amanga oyedwa bese ebekwa elokubulala.
“Sesithole ukuthi wonke umuntu owayekhona kuleya ndlu waqamba amanga. Azikho izigebengu ezabangenela endlini,” kusho leli phoyisa elisondelene nophenyo.
Uthe amaphoyisa asebenza ubusuku nemini ukubopha umsolwa. Uqhube wathi balinde imiphumela mayelana nesibhamu esasetshenziswa ngaphambi kokuthi babophe umsolwa.
Ngenyanga edlule amaphoyisa abophe uMnuz Zanokuhle Mbatha emsola ngokuthinteka kuleli cala kodwa ube esededelwa.
Ngokuhamba kwesikhathi uMbatha ukhale ngokuthi useyasaba futhi uthola usizo lwezengqondo ngenxa yezinkinga eziqale emuva kokuboshelwa ukuthinteka ekufeni kukaMeyiwa.
INational Prosecuting Authority (NPA) ihoxise amacala ayethweswe wona ngoba kungekho ubufakazi obenele ngesikhathi kusalindeleke ukuthi athole ummeli.