MLUNGISI GUMEDE
UKHUNGATHEKILE umndeni wakwaSibiya eWoodglen, eMpumalanga kulandela isigameko sokubulawa komuntu wathathwa wazoshiselwa emzini wawo obekuqashe kuwo abokufika baseSomalia.
Isidumbu sikamufi okusolwa ukuthi owesilisa ongaziwa ukuthi owakuphi sitholakale izolo entathakusa.
Le ndlu ashiselwe kuyona kuthiwa ibihlala abesilisa baseSomalia abanesitolo egcekeni lakwaSibiya.
Kuthiwa laba bokufika Isolezwe elake labika ngabo ngasekuqaleni konyaka ngesikhathi besinda bedutshulwa, bese bevele bebalekile endaweni njengoba kusanda kubheduka udlame olubhekiswe kwabokufika kuleli.
Kodwa ngoMgqibelo emini bebekhona laba baseSomalia bezobheka ukuthi isimo sesihamba kanjani kwadlula iqulu labafana okuthiwa lisongile lathi “nibuyile, sizongena ebusuku”.
UMnuz Ligo Robert Sibiya, ongumnikazi wendlu okutholwe kuyo isidumbu, uthe yena ubelele ngaphakathi esitolo samaSomalia ngesikhathi ephaphama ngabo-12:45 ezintatha waphinde wazunywa ubuthongo.
“Ngiphinde ngaphaphama ngabo-1 entathakusa ngaleso sikhathi bese kucime ugesi, ngivukile ngavula umnyango ngifuna ukubheka ukuthi ugesi ucime yonke indawo, ngibone ngelangabi endlini ebiqashe abokufika. Ngigijime ngaya koxhuma ipayipi empompini ngizama ukucima, ngacima yize khona umlilo uthathe isikhathi eside ukuthi wehle kwathi uma usulothile ngabona ukuthi kunomuntu ofile endlini ngahlaba umkhosi,” usho kanje.
Uthe lo muntu ubelele ngesifuba eshe izinyawo nezingalo eze wagoqana.
“Ubeshe ngendlela yokuthi akabonakali ukuthi ungubani,” usho kanje.
USibiya uthe basola ukuthi lo muntu ubulewe ndawana thize wathathwa wazoshiselwa emzini wakhe.
“Ukube ubulawele lapha besizozwa futhi besizofica negazi kodwa indlela okubukeka ngayo ngathi ufike lapha esezoshiswa, abamshisile bafike bakhahlela isicabha ngoba ukhona umakhelwane othe uzwile kukhona into egaklaza isicabha,” usho kanje.
USibiya uthe basola ukuthi lesi sigameko senziwe abantu bendawo ngoba befuna ukusabisa abokufika bangabe besabuya esitolo.
“Emini ngoMgqibelo, ngesikhathi kukhona abokufika, iqulu labafana lidlule lakhuluma amazwi ayiziswana lathi lizobuya ebusuku nakhu ke sesithola umuntu oshisiwe endlini,” usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa uColonel Jay Naicker uthe amaphoyisa aseMpumalanga aphenya icala lokubulala ngemuva kokuthola isidumbu somuntu ongaziwa sishisiwe.