CHARLES KHUZWAYO
K USOLWA umsakazi woKhozi FM uBheka “Beekay” Mchunu ngokususa uthuthuva phakathi kwenyosi yeSilo Samabandla uGoqozile Masango nophrojusa weqembu lomculo kamaskandi Izintombi Zikamjaphani, uMjaphani Mkhize.
Ngokuthola kwaleli phephandaba kuswelakale ozogadla phakathi kukaMjaphani noGoqozile phakathi ezindlini zokusakaza zoKhozi FM eThekwini ngeledlule.
Le ngxabano kuthiwa yaqala ngesikhathi elinye ilungu leZintombi Zikamjaphani linxenxa abalaleli bohlelo lomculo wesintu uSigiya Ngengoma ukuba bavotele i-ANC okhethweni lokuchibiyela oluzoba ngenyanga ezayo eMtubatuba.
Empeleni lezi zintokazi bezizokhangisa nge-albhamu yazo entsha esihloko sithi Ikhabhinethi kanti enye yazo izogcina isikhankasela i-ANC.
Ngokusho komthombo ozibonele uGoqozile, onesigaba somlando wakwaZulu kulolu hlelo, ukhuze ibhadi wasola uMjaphani ngokuphula eminye yemigomo yale nhlangano yezokusakaza kuleli, wokuba ungachemi naqembu lepolitiki.
Ebuzwa uMjaphani uvumile ukuthi kusebenze ubuchule bukazakwabo kaBheka, uNgizwe “Zulu Charmer” Mchunu sebefuna ukubambana ngezandla noGoqozile.
“NguBheka oqale yonke le nto ngokuthi athi asikhulume ngengxabano yami noGoqozile eyadalwa wukuthi wathi ngingambizi uQalindaba ngebhubesi ngoba yiSilo leso. Ngamtshela mina ukuthi akanalungelo lokusho lokho ngoba oyisemkhulu kabaziwa emlandweni. Ungicasulile uGoqozile esekhuluma ngokuthi ukhokho wami uZihlandlo akalwanga neSilo uShaka. Kwathi uma ngimtshela ukuthi akanalo ilungelo lokungivala wathi yena uyintatheli. Uyintatheli yani? Isigcino lo mfana ngizomshaya ngoba ngiyabona ukuthi ungiqondile. Akayona nenyosi yeSilo ngoba ngiyazazi mina izinyosi zeSilo,” kubhoka ngolaka uMjaphani ongomunye wabaholi be-ANC esifundeni uMkhanyakude.
Uthe useke wadlana indlebe nezikhulu zoKhozi ezitshela ukuthi uGoqozile akamphethe kahle “ngoba ufika adakwe wutshwala bese ekhuluma ukusutha kwakhe. Wuhlanya lolu oluzenza umuntu waseNdlunkulu ngokugqoka umqhele wengwe. Lo mfana akahloniphi. Akanalo nje nelungelo lokubiza abantu ngamabhoxongwana.”
Eziphendulela uGoqozile uthe wayengeke athule uMjaphani ephula imigomo yakwa-SABC.
“Mina njengentatheli ngiyazi ukuthi akufanele abaculi bazokhankasela amaqembu abawalandelayo epolitiki emsakazweni. Kungenzekani uma bonke abaculi bengafuna ukukhankasela amaqembu abawasekayo emsakazweni. Kwasala ozogadla ngempela phakathi kwami noMjaphani. Ukungazwani kwethu kusuka ngesikhathi ngixwayisa abaculi ngokuthi bangazibizi ngezilwane zasendle (Big 5), okubalwa kuzo ibhubesi. Mina njengenyosi yeSilo nginamandla okufundisa abaculi ngalokho. Umfana wakhe umbiza ngebhubesi elincane, ngisho naBantwana beSilo abazibizi ngalokho. Kodwa yena wathi ngeke atshelwe yimi ngoba nogogo bami abakaze bagana eNdlunkulu. Wubuphukuphuku nje bendoda endala. Yebo uZihlandlo akakaze walwa noShaka, kuliqiniso lelo,” kuchaza uGoqozile.
Imizamo yokuthola uBheka noKaizer Kganyago okhulumela i-SABC ukuba baphawule ayiphumelelanga njengoba bengayiphendulanga imibuzo abathunyelelwe yona kanti nezingcingo bebengaziphenduli.