NONTUTHUKO NGUBANE
KUPHOQELEKE ukuthi uvalwe isikhashana umgwaqo u-N3 eMgungundlovu ngesikhathi owesilisa ezama ukuziphonsa phansi ebhulohweni izolo.
Lo wesilisa igama lakhe elingatholakalanga akwaziwa ukuthi uhlale isikhathi esingakanani kuleli bhuluho elisemgwaqweni uNew England.
Ngaphansi kwalo kuhamba amaloli nezinye izimoto ku-N3.
Lo wesilisa kuthiwa uhlale onqenqemeni lwebhuloho ngalapho kuhamba khona izimoto ezihamba ngesivinini esiphezulu.
Abebedlula kuleli bhulohho bashayele amaphoyisa ukuba azongenelela.
Iphoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba lisiqinisekisile lesi sigameko lathi lo wesilisa ugcine evumile ukwehla kuleli bhuloho.
Ngenxa yesenzo sakhe uthe baphoqelekile ukuthi bavimbe izimoto zingahambi ngaphansi kwaleli bhuloho.
Khonamanjalo, kwesinye isigameko uMnuz Nkululeko Ngubane (30) obhekene necala lokubhokoda ingoduso yakhe uNksz Sindi Mshengu ngommese enxanxatheleni yezitolo iLiberty, unqatshelwe ibheyili eNkantolo yaseMgungundlovu izolo.
Lo msolwa wazama ukuziphonsa phansi kwelinye ibhuluho eliku-N3 emuva kwesigameko sokugwazwa kwengoduso wakhe.
Kuze kube yimanje usahamba ngesihlalo, njengoba alimala umgogodla.
Lesi sigameko senzeke ekuqaleni kukaJulayi.