FANELESIBONGE BENGU
KUZOHLOMULA izingane ezikhubazekile ngomcimbi waminyaka yonke Umhlathuze Music Festival ozoba seMfolozi Casino, eMpangeni, ngoLwesilhlanu.
Umgqugquzeli womcimbi uDJ 15 uthe enye ingxenye yemali abazoyenza uzoyithatha athengele izingane ezikhubazekile izidingo zazo.
“Sekungunyaka wesine manje senza lo mcimbi. Ngonyaka odlule nje siye esikoleni sezingane ezikhubazekile iThuthuka Special School lapho sibathengele khona izincwadi. Sasithi sifuna ukubathengela izihlalo ezinamasondo kodwa bathi banazo bashoda ngezincwadi. Nakulo nyaka sizokwenza okufanayo ngoba sizoqoka isikole bese siyasitshela esishoda ngakho sikuthenge,” kusho uDJ 15.
Kulo nyaka Umhlathuze Music Festival uzoshaya ngegiya elihlukile njengoba uzohlanganiswa nomcimbi weGagasi FM obizwa ngeNighlife Sessions.
Abasakazi beGagasi FM okunguDJ Le Soul oshayela uhlelo i Bring On The Night engena ngo-7 ebusuku ngoLwesihlanu noDJ Vumar ongena ngemuva kwakhe ngo-10, bazobe besakaza bukhoma.
“Siyakujabulela kakhulu ukuba yingxenye yeMhlathuze Music Festival. Simema bonke abantu baseMpangeni namaphathelo ukuthi bazojubula nathi kulo mcimbi,” kusho uKhulekani Shandu okhulumela iGagasi FM.
Kulo mcimbi kuzobe kunandisa uZakes Bantwini, Shota, DJ Websta, Junior De Rocka, Pzet, Ankel nabanye.
Uhlelo luzobe luphethwe nguMzokoloko noJabulani Shandu.
“Eminyakeni edlule sike saba noDJ Rocco waseFrance kodwa kulokhu sithe asigxile kubaculi basekhaya ngoba sigubha inyanga yase-Afrika. Okunye futhi okuhlukile wukuthi uShota uzobe eqopha bukhoma i-video yenye yezingoma zakhe ngakho abantu abafike bebahle,” kusho uDJ 15.
Amathikithi azothokakala esangweni ngo-R150 ngaphambi kuka-10 ebusuku kuthi ngemu-va kwalokho abize u-R180.