MLUNGISI GUMEDE
U ZOHLONISHWA ngomngcwabo osezingeni likamasipala obenguthishanhloko waseMenzi High School eMlazi, uMnuz Felix Hlanganani Mshololo, oshone ngeledlule ngemuva kokuxinwa isifo senhliziyo.
Umkhandlu ohola uMasipala weTheku uthathe isinqumo sokuthi uhloniphe uMshololo (61) ngaleli zinga lo mngcwabo ngokuwunikelela ngetende elingamumatha abantu abangu-3 000, umsindo nokunye.
Imenenja kaMasipala weTheku uMnuz Sibusiso Sithole uthe umkhandlu wabo uvumelane ngokuthi umasipala ubambe iqhaza emngcwabeni kaMshololo ngenxa yamagalelo akhe kwezemfundo.
USithole uthe bazohlinzeka umndeni ngetende elikwazi ukumumatha abantu abangu-3 000, umsindo nokunye.
Amakhansela e-DA uMnuz Zwakele Mncwango noMnuz Heinz de Boer abuze ukuthi imuphi umgomo kamasipala othi kumele umkhandlu useke ngezimali umngcwabo othize kodwa achithwa ngenxa yokuthi amakhansela amaningi emkhandlwini awe-ANC aphinde asekwa yikhansela leNFP nele-IFP.
Ikhansela le-IFP elihlala emihlanganweni yesigungu esihola umkhandlu weTheku uMnuz Mdu Nkosi lithe asikho isidingo sokuthi kukhulunywe ngemigomo kube nomsindo kodwa umndeni wakwaMshololo ulahlekelwe ilungu lawo.
UNkosi uthe ukushona kwaMshololo akushayanga umkhandlu weTheku noma isifundazwe saKwaZulu-Natal kuphela kodwa kulimaze isizwe sonke.
IPhini leMeya uNkk Nomvuzo Tshabalala lithe umkhandlu wabo angeke uze ungabaze ekusizeni emngcwabeni kaMshololo ngoba usebenze kakhulu ephakamisa iTheku nesifundazwe saKwaZulu-Natal kwezemfundo.
UMshololo ufike ezophatha eMenzi ngo-1990 kade isikole sithole 34% kumatric kodwa wasitakula saze sagcina sesibalwa nezikole ezihlonishwayo eNingizimu Afrika ngokuba nemiphumela emihle kumatikuletsheni. Ngo-2010, 2013, 2014 iMenzi ithole 100% kumatric uMshololo waqokwa njengothishanhloko obehlula bonke wahlonishwa nangeKader Asmal Award.
Ngonyaka odlule umkhandlu weTheku wamhlonipha ngomklomelo onikwa labo abasaphila ababambe iqhaza elibalulekile eThekwini, iLiving Legends.
UMshololo uzofihlwa ngoLwesihlanu kanti inkonzo yokumkhumbula izoba namhlanje eMenzi High School.