DON MAKATILE
ININGIZIMU AFRIKA isikulungele ukuba nengqungquthela yeForum on China-Africa Cooperation (Focac) ezoba seGoli ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.
Kuzobe kungokokuqala ingqungquthela iba kuleli selokhu yasungulwa iFocac eminyakeni engu-15 edlule. Phakathi kwabazobe behambele ingqungquthela kubalwa nomengameli waseChina uXi Jinping kanti uzobe ezohlangana nomengameli base-Afrika. Ngokwe Inter-Ministerial Council konke sekumi ngomumo ngale ngqungquthela.
Kulindeleke ukuthi kudingidwe izinhlelo ezizoqinisa ubudlelwano phakathi kwamazwe ase-Afrika nelaseChina. UClayson Monyela woMnyango Wezangaphandle uthe kuningi okungafundwa kwiFocac. Uncome ingqungquthela ye-Africa-India eyayise-India ngo-Okthoba wathi nayo yaqinisekisa ubudlelwano obuhle esinabo nale lizwe.
Uthe ibalulekile indima ezodlalwa yizwe laseChina ezinhlelweni zokuthuthukisa amazwe ase-Africa. UMonyela uthe iNingizimu Afrika neChina banezinhlelo ezifanayo zentuthuko. IChina seyakhe izibhedlela ezingu 28 e-Afrika kanye nezindawo ezingu-30 zokwelapha iMalaria. Seyakhe izindawo zokungcebeleka eLiberia, iNyuvesi eGhana, yaxhasa abafundi base-Accra, yamema abafundi baseKenya ukuthi bazozicijela imisebenzi ehlukahlukene, yaphinde yaxhasa ezolimo eBotswana naseMozambique.
Emhlanganweni wamazwe eBeijing ngo-2001, iChina yathembisa ukucisha izikweletu zezigidigidi ebizikweletwa amazwe angu-31 ase-Afrika. Kusukela ngalowo nyaka, iChina isiqeqeshe abantu abangu 7 000 base-Afrika ezifundweni zomnotho, ezolimo, ezemfundo, ezesayensi, ezempilo nokunye. Okhulumela i-ANC kuzwelonke uZizi Kodwa uthe: “Siyakweseka ukuqiniswa kobudlelwano nalaba balingani bethu. IChina izimisele ngokuthuthukiswa kwaleli lizwekazi. Siyilindele ngabomvu le ngqungquthela futhi siyathemba izophuma nezindlela okuzoqiniswa ngazo izinhlelo zentuthuko.”