KIKI NTULI
NANG’ ubhuti, nang’ ubhuti!! Bangaphezu kuka-100 abantu engababona kuFacebook nakuTwitter bebhale kanje esikhathini esingangomzuzu, ngeSonto ebusuku.
Ngehora eledlule ngaphambi kokuba kubhalwe kanjena iningi belikade likhala ngoKoketso.
Kwaduma upotiyane kubantu abangenayo iDStv ngoba okwakwenza wonke umuntu akhale “ngobhuti” noKoketso kungenxa yezinhlelo ezimbili ezidlala kuMzansi Magic (Channel 161), i- Our Perfect Wedding ne Rockville.
Lezi zinhlelo ziyintandokazi kulezi zinsuku, yingakho umoya wami uvele udangale uma ngicabanga ukuthi kukhona abantu abangazi nhlobo ngazo, ikakhulukazi eziyimidlalo.
Ngeke ngibabaze ithalente kakhulu kwi- Our Perfect Wedding ngoba alidingeki kwabasuke bevela kuyo ngenxa yokuthi wuhlelo lwento esuke yenzeka ngempela.
Yona iyintandokazi ngoba siyayithanda imishado nokubona ukuhlelwa kwayo kodwa kumele sibancome abasunguli nabadidiyeli bayo ngokuqhamuka nalolu hlelo.
Okungenza ngidabukele abangenayo iDStv wukuphuthelwa yithalente labalingisi esilibona kwi Rockville.
Umoya uphuka kakhulu uma sengithi ngizama ukucabanga ukuthi ngabe bona yiziphi izinhlelo ezibajabulisayo ku-SABC 1, 2, 3 no-e.tv.
Uma kungeyona imbudane ye Generations: The Legacy, kusho ukuthi amafilimu ama-80’s oChuck Norris, Jean Claude van Damme noSylvester Stallone esasiwabuka eshidini elimhlophe ezikoleni noma mhlawumbe yimiphumela yeLotto?
Lokhu kungenze ngacacelwa ukuthi kudlaliwe ngababukeli baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi inhlangano yezokusakaza i-SABC okuwumsebenzi wayo ukufundisa, ukwazisa nokujabulisa ababukeli ngezinhlelo ezihlabahlosile.
Ngiyazi kunezinhlelo ezintsha ezithembisayo njengo Zalo, Ashes To Ashes no Mlilo kepha lezi zinhlelo, ezinye zazo ezingakaqali ukudlalwa, azikabi nalo isasasa lokugcina “izwe” lonke lithe njo kuthelevishini ngesikhathi esithize njenge Rockville ne- Our Perfect Wedding.
Ngize ngicabange ukuthi ngabe kungcono ukuthi le midlalo idlala ku-SABC 1 yikhona izobukwa nabangenayo iDStv.
Ziyaye zichaze izikhulu zakwa-SABC ukuthi imali yamalayisensi ethelevishini yenzani noma ilekelelaphi kepha ngibona kuwukuqola ababukeli ukuthi ungabakhokhisa imali engaka (R265 ngonyaka) ekubeni ubagxisha ngezinhlelo ezingekho ezingeni elifanele ezihlulekayo wukudonsa ababukeli.
Yingakho abanye abantu bengasiboni nesidingo sokukhokhela la malayisensi ngoba azikho kwazinhlelo ezibanika ugqozi nofuqufuqu lokuyikhokhela.
Akufani nakuDStv lapho uke uzwe khona umuntu ethi: “Ake ngiyokhokhela iDStv ngingaze ngiphuthelwe yi Sibaya.”
Nansi-ke into edingeka kuthelevishini, ukulangazelele ukubona isiqephu esilandelayo sohlelo.
Idinga ukunconywa i-DStv ngokunika ababukeli abakufunayo futhi okusezingeni eliphezulu.
Yize ibiza nayo kodwa imali yakhona uyikhipha wazi ukuthi ngeke uqede isizungu nje kuphela kodwa uzogculiseka.
Isikhalo sami seminyaka ngesokuthi abadidiyela izinhlelo nemidlalo nalabo abagunyaza ukuthi idlalwe ku-SABC, abake bazimisele, bangagcini icala kepha basibonise imidlalo esezingeni eliphezulu ezosijabulisa isenze sigculiseke ngokukhokhela amalayisensi ethelevishini kungabi khona abantu abazocasha ngesithupha bathi abasiboni isidingo sokuyikhokhela ngoba vele kudlala into engacacanga ezinhlelweni zakwa-SABC.