A BALINGISI be Generations abaxoshwa sebeqalile ukulingisa kweminye imidlalo yethelevishini kanti abahlanu babo basemdlalweni omusha we-e.tv, i- Ashes To Ashes.
UZolisa Xaluva ungomunye wabalingisi asebethole umsebenzi omusha njengoba esedlala kwi Zabalaza: A New World. UDEBASHINE THANGEVELO uxoxe naye.
AKUBANGA wukuphela komhlaba kubalingisi abangu-16 abaxoshwa kwi Generations ngumsunguli womdlalo uMfundi Vundla, ngonyaka odlule bekhala ngamaholo nokukhokhelwa imali yeziqephu eziphindiwe.
Abaqophanga kuphela umlando emkhakheni wezokulingisa ngalokhu kepha baphinde baba yizwi elikhulumela abalingisi bakuleli ngezinselelo ababhekana nazo.
Yebo kwakuwumsebenzi obondlayo lona kepha akubanga wukuphela komhlaba ukuxoshwa kwabo, okunalokho kwabaphaphamisa ukuthi babheke nakwezinye izindawo abangalingisa kuzona.
UZolisa Xaluva owaduma ngendawo kaJason Malinga ayeyidlala kwi Generations, akasazimisele ngokuxoxa ngokwenzeka noma okungenzekanga kulo mdlalo.
Manje usezimisele ngokukhuluma ngokwenzeka manje.
“Angizisoli nakancane, empeleni yinto okumele engabe kade yenzeka. Ngizizwa ngihloniphekile ukuthi ngalwa nebutho elinesibindi elingasabi lutho. Yinto engingaphinde ngiyenze futhi ngaphandle kokucabanga kaningi. Kuyadabukisa nokho ukuthi umkhakha wethu
wezamafilimu awuqinile kahle. Isifiso sami bekuwukuthi uma ngishiya kwi Generations ngizolingisa emafilimini amabili ngonyaka impilo yami yonke. Ngiyajabula nokho ukuthi sengiyalingisa, nginomdlandla futhi sengijahile ukuzuza izinto ezinkulu,” kusho uZolisa.
Ulingisa kwi Zabalaza: A New World okuwumdlalo owenziwe kabusha oqhubeka kwi Zabalaza evele idlala kuMzansi Magic nakuMzansi Wethu ngo-9 ebusuku.
Kulo mdlalo ulingisa indawo kaSydney Lwana oyisikhulu senkampani iSlick Vic Media.
“Ngabizwa ngumqondisi wabalingisi womdlalo owangichazela konke nge New World. Wangithumelela umqulu obhalwe ngendawo engiyidlalayo (script) sabe sesiqopha sakuzilolonga.”
Uthi kwaba wukungena kwakhe kulo mdlalo. Abanye abalingisi abajoyine lo mdlalo ngoBohang Moeke (Victor Ndlou), Rosie Motene (Victoria), Tessa Twala (Lexi Thabane), Angela Sithole (Terry Ramotsetsi) noTango Ncetezo (Mapule Rule).
Ekhuluma ngendawo ayidlalayo uthe; “USydney uyindoda eyenza izinto ngaphandle kokwesaba. Uyingozi, ufuna abantu benze izinto ngendlela yakhe. Uyazi kahle into ayifunayo ebhizinisini lakhe futhi ayikho into ezomvimba ukukuthola, ozama ukumvimba uthwala kanzima. Ukholelwa wukuthi uthando ngolwabantu abantekenteke, imali namandla kungaphezu kothando.”
Uveze ukuthi ukujoyina kwakhe i Zabalaza kumvulele ithuba lokubhekana nenye inselelo empilweni.
“ IZabalaza ngingayifanisa nengane esakhasa engakwazi ukukhula idlondlobale. Mina-ke nginethuba lokusebenzisa isipiliyoni sami engisithole eminyakeni edlule ukuyisiza ikhule ibe yisikhondlakhondla. Yisikhathi esibalulekile esinesasasa lesi empilweni yami. Indawo engiyidlalayo imnandi kakhulu osekusele manje wukuthi mina ngenze ubulungiswa.”
Uthe kuyena akumnandi nje kuphela indawo ayidlalayo kepha uthokozela nokusebenzisana nabalingisi abanaye kulo mdlalo.
“Sizwana kakhulu kuhlale kumnandi njalo, ngithemba ukuthi nababukeli bazowuthokozela lo mdlalo. Mina noRosie asikaze sisebenze ndawonye, ungumuntu owazisayo umsebenzi, uyazimisela futhi ungumuntu onogazi. Angikholwa ukuthi kukhona umuntu obengayidlala kangcono indawo kaVictoria,” kusho uZolisa.
Uthe lesi yisahluko esisha empilweni yakhe futhi uphokophele ukuthuthukisa ikhono lakhe ajabulise nabalandeli bakhe.