MINENHLE MKHIZE
U CHITHA eyokuhamba kwesicoco se-Absa Premiership uma bengathola induku kuKaizer Chiefs ehlezi esicongweni umdlali weMamelodi Sundowns uRamahlwe “Rama” Mphahlele.
Kusasa ngo-3.30 ntambama kuzoshunqa uthuli e-FNB Stadium, iChiefs igadulisana neSundowns emdlalweni weligi okubhekwe ukuthi udonse izinkumbi zabathandi bakanobhutshuzwayo.
Abafana Ba Style yibona abangompetha beligi abayihlwithe Amakhosi abezihola phambili ngamaphuzu angu-11 ngesizini edlule. Njengamanje amaBrazilians asele ngamaphuzu angu-12 kwiZimpofana eziyibambe eqhulwini.
ISundowns isendaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-16 emidlalweni engu-10. Ngakolunye uhlangothi iChiefs isesicongweni ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-10.
Kule sizini Amakhosi awayazi induku emidlalweni yeligi. Asenqobe imidlalo eyisishigalolunye adlala ngokulingana kowodwa. UMphahlele oyibamba ngakwesokudla emuva utshele Isolezwe ukuthi uma bengahlulwa yiChiefs ngeke kusho ukuthi sekuphelile ngabo embangweni wesicoco seligi.
“Wumdlalo omkhulu lona futhi akukho okunye esikubhekile ngaphandle kwamaphuzu amathathu. Wonke umuntu uyawuhalela lo mdlalo futhi asidingi ukugqugquzelwa ngawo ngoba uvele usifaka ugqozi. Ebholeni kunemiphumela emithathu. Uyawina, ushaywe noma udlalela ngokulingana. Uma kungenzeka sishaywe okungeyona into esicabanga ngayo ngeke kusho ukuthi sesiphumile embangweni wesicoco seligi. Uma singazitshela kanjalo kungafanele siyeke ukudlala ibhola siyosebenza ebhange. Ukhalo luselude futhi isizini isesephansi kakhulu,” kusho uMphahlele.
Ngesizini edlule iSundowns ibe yiqembu lokuqala ukushaya iChiefs e-FNB Stadium. Ngemuva kwalokho ishoshele njalo yaze yayodla isicoco seligi ngerekhodi lamaphuzu angu-65.
“Okwenzeke ngesizini edlule sekufana nomlando kithina. Emidlalweni efana nale amarekhodi nefomu yinto eyaye ingasebenzi. Onqobayo ngosuku lomdlalo yiqembu elisuke lizinikele ngokuphindiwe enkundleni kunelinye. Amaphuzu amathathu siwadinga ngaphezu kweChiefs. Iqembu lethu alikahlangani kahle kodwa kancane kancane siyafika lapho umqeqeshi (uPitso Mosimane) efuna sifinyelele khona,” kusho uMphahlele.
UKingston Nkhatha weChiefs exoxa naleli phephandaba ngomdlalo wabo neSundowns uveze ukuthi uyefana neminye.
“Akukho okwehlukile noma okuyisiphesheli esizokwenza ngoba nakhu sithi sidlala neSundowns. Amaphuzu amathathu esizowathola kubona ngamaphuzu amathathu afanayo nesiwathole kweminye imidlalo. Into esiyifunayo amaphuzu ukuze siqhubeke nerekhodi lethu lokungashaywa emidlalweni yeligi. Imidlalo yasekhaya iyona ekuzuzela izicoco. ISundowns ngeke sizixake ngokuthi izodlala kanjani kodwa sizogxila ezintweni ezisisebenzelayo ukuze siphumelele,” kusho uNkhatha.
Imidlalo ye-Absa Premiership kule mpelasonto:
Kusasa:
Kaizer Chiefs vs Mamelodi Sundowns (FNB Stadium,
3.30pm); Mpumalanga Black Aces vs Polokwane City
(Kanyamazane Stadium, 3.30pm); Moroka Swallows
vs University of Pretoria (Dobsonville Stadium, 6pm);
Platinum Stars vs AmaZulu (Royal Bafokeng Stadium,
6pm); Ajax Cape Town vs Maritzburg United, 8.15pm);
Bidvest Wits vs Free State Stars (Bidvest Stadium, 8.15).
NgeSonto
SuperSport United vs Orlando Pirates (Peter Mokaba
Stadium, 3.30pm); Bloemfontein Celtic vs Chippa
United 3.30pm).