FANELESIBONGE BENGU
UMREPHA osezakhele udumo ngokudidiyela izingoma zabanye, uRiky Rick, uthi yize kudlisa i-hip hop ezishaya sakwaito kulezi zinsuku kodwa yena ubuyela “kweyangempela”.
URikhado “Riky Rick” Makhado (27) ongowodabuka eVenda kodwa oke wahlala KwaMashu, eThekwini, nokumanje usezinze eGoli, kulindeleke ukuthi akhiphe i-albhamu yakhe ngesonto elizayo.
“Ikwaito yesimanje (hip hop eshaya ngesigqi se-kwaito) imnandi impela kodwa mina ngifuna ukubuyela kwi-hip hop yakudala. Ngeke uthi ngoba nakhu ikwaito yesimanje kuyiyona ethandwa ngabantu bese nawe wenza yona.
“Abantu kabazi ukuthi bathandani. Yithina esibanikeza umculo bese beyawuthanda kade bengawuthandi,” kusho uRiky Rick.
Umrepha wodumo lwezingoma okubalwa kuzo ethi Boss Zonke, Amantombazane nethi Nafukwa, uthe isihloko se-albhamu yakhe yiFamily Values.
Uthe njengoba engumdidiyeli osesebenze noCassper Nyovest, OkMalumeKoolKat, L-Tido, Da Les, DJ Dimplez nabanye, i-albhamu yakhe u-80% wayo udidiyelwe wuye.
“Ngikhuluma ngomndeni, uthando, ukuhlupheka nangempilo nje jikelele. I Boss Zonke ikhuluma ngokuthi akunandaba ukuthi uqhamuka kuphi kumele uzigqaje ngemvelaphi. Abantu bafika eGoli bese bengasho ukuthi ngabakuphi. Ababuyele emakhaya bengasabi,” kusho yena.
“Ngiyiqambe ngokuthi yi Family Values ngoba sengisondelene kakhulu manje nomndeni wami kunakuqala. Ngaphambi kokuthi kuzalwe indodana yami uMalik bengizenzela izinto zami ngingasondelene nomndeni,” kusho uRiky Rick ophethe indodana kwikhava ye-albhamu.
URiky Rick kulindeleke ukuthi anandise eYadini Lounge, eMlazi, ngeSonto kwiSunday Rendezvous ehlelwa nguDJ Nzwiri.
Kulo mcimbi kulindeleke ukuthi kunandise uDJ Terance, Junior De Rocka, Websta nabanye kanti uhlelo lwawo luzobe luphethwe nguSlot.
Amathikithi atholakala ngo-R70 eComputicket.
URiky Rick, odume ngokuqimba esiteji, uthe uzobe eshaya adume ngazo zokuba nomfutho uma esecula aze aculise nabantu.