ZANELE MTHETHWA
U KE uzibuze ukuthi kungaba njani ukuchitha amahora angu-24 nothandana naye?
Yize abanye bethi izithandani kumele zinikane isikhathi sokuphefumula, ukwanda kwabathandana emsebenzini kuyaphoqa ukuthi bachithe isikhathi sonke bendawonye. Abanye baqala ngokujola bagcine beshadile futhi ingabi khona inkinga.
Abaculi bokholo kuleli uNtokozo Mbambo noNqubeko Mbatha bangabanye babashadile abasebenza ndawonye. Nabo baqala ukuthandana besemsebenzini.
Laba baculi asebeneminyaka eyisikhombisa beshadile, bahlanganiswa wumculo kwiJoyous Celebration. Ukuthandana kwabo emsebenzini kwathela izithelo ezinhle njengoba sebengumndeni babusiswa ngezingane ezimbili.
Basanda kuphumela obala ngobudlelwano babo bezothando nokusebenza ndawonye ohlelweni lwangoMgqibelo olushayelwa nguThembeka Zondo kuKhozi FM. Bavumile ukuthi kukhona ababatshela kwezikabhoqo ukuthi ngeke bakumele ukusebenza ndawonye nezithandwa zabo kodwa bona kuyabasebenzela.
“Sesisebenze ndawonye isikhathi eside futhi akunankinga ngoba siyakwazi ukuhlukanisa. Kumele kube nomehluko uma sisemsebenzini noma sisekhaya. Uma ngisekhaya ngilindele ukuthi ngibe ngubaba nomyeni kaNtokozo, siyibeka eceleni eyomculo,” kusho uNqubeko.
Uvumelana naye uNtokozo othi okwasekhaya kusala khona uma sebemsebenzini. Uyavuma ukuthi kwesinye isikhathi kuba nokungaboni ngaso linye ekhaya kodwa okungafanele kuphazamise umsebenzi.
“Inkinga egwenywayo ukuthi umsebenzi niwuhlanganise nezindaba zasekhaya. Uma benixabene ekhaya, abangakuboni ozakwenu emsebenzini ukuthi konakele. Uma nisemsebenzini ziphatheni njengabanye abasebenzayo,” kusho uNtokozo.
Njengoba bendawonye emculweni, isikhathi esiningi basichitha ndawonye namakhonsathi bayawahlanganisa. Lokhu bathi kuyaluqinisa uthando, bazane kangcono.
Inselelo ebhekana nabathandanayo abasebenza ndawonye ukuzithola sebekhuluma ngomsebenzi ngisho ekhaya. UNtokozo noNqubeko bathi yize kunzima ukugwema lesi simo, kumele bakuzame ukuze umsebenzi ungaphazamisi uthando. Bathi uma senisekhaya fundani nenze okwezithandani, kubekwe eceleni okomsebenzi.
Abanye abakulokhu nguSfiso Ncwane nomkakhe uNkk Ayanda Ncwane. Umkakhe nguye ongumxhumanisi kaSfiso nabezindaba.
ULucky Sefatsa ongumsakazi nomkakhe uPhilisiwe obengumfundi wezindaba kwaSABC, batholana emsakazweni bagcina beshadile besasebenza ndawonye.
Ucwaningo lwakamuva lweCareer Builder luthi kubasebenzi abangu-10, abane sebake bajola emsebenzini. Kuthiwa lokhu kwenziwa ukuthi amahora amaningi achithwa emsebenzini okwenza abanye bagcine bethandana. Abaningi bayafihla uma bethandana ngoba besaba ukugxekwa ngozakwabo. Akunankinga ukuthandana emsebenzini uma kungaphambene nemigomo yenkampani futhi kungezuphazamisa umsebenzi.