SIYABONGA MKHWANAZI
K USAKHULUNYWA ngodaba lwalowo oke waba umeluleki kaMengameli Jacob Zuma, uMnuz Mac Maharaj ukuthi wayemxwayisile ngokuthi kube nengxenye yemali ayikhokhayo, uZuma usevele wavulela amasango abezindaba ukuthi bazozibonela emzini wakhe.
Abezindaba bathathe amahora amathathu behlola umuzi kaZuma kusukela lolu daba lwaba sematheni eminyakeni edlule, izikhulu zikahulumeni, amaphoyisa nombuthio wezokuvikela bonke bebehlangene emzini kaZuma izolo.
Inhloko yezimo eziphuthumayo eMnyangweni wamaPhoyisa uLt-Gen. Mondli Zuma, ongahlobene noMengameli Zuma, uthe izakhiwo zokuphepha emzini kamengameli zakhiwa komunye umhlaba.
Uthe izindlu zokuhlala amaphoyisa, eyezivakashi aziqediwe ngokophenyo olwenziwe.
NgoLwesithathu olwedlule uSihlalo wekomiti lesikhashana uMnuz Cedric Frolick wakubeka kwacaca ukuthi izinto ezisemzini kaZuma azihambisani nakancane nemali ezikhokhelwe yona.
Uhambo lwabezindaba nalo lukhombise ukuthi amanani anyuswe kakhulu emzini kamengameli, kunanezindlu ezingenamuntu ezinye aziqediwe.
Imali engu-R216 million ngokuka Lt-Gen. Zuma, ayihambisani nhlobo nalokhu okwakhiwe kulo muzi.
Abacishi bomlilo abaseduze noMasipala waseMhlathuze bathi i-pool ikahle kakhulu ngesikhathi ikhonjiswa.
OyiChief Fire Officer u-Andrew Vumba wathi uma kunesimo esiphuthumayo i-pool izokwazi ukumunca amanzi amaningi ukuze kucishwe umlilo.
Odabeni oluthinta i-Amphi theatre uLt-Gen. Zuma uthe yindawo yokuhlanganela amaphoyisa namalungu omndeni uma kunesimo esiphuthumayo.
Uthe omunye wosonkontileka wayibiza nge-Amphi Theatre ngoba kuyilona ngama elilula, kunodonga oluvimba umhlabathi.
Lokhu ukuchaze ngemuva kokuba ebuzwe yizintatheli mayelana nokusebenza kwaleli gama.
UZuma uhlulekile ukucacisa ngemali engu-R6 million wezindlu zamaphoyisa. Uthe inani lalezi zindlu zingaphansi, akazi uphumaphi lo R6 million.
Uthe uhulumeni ukhokhe imali engu-R135 million ngomtholampilo, izindlu zamaphoyisa nendawo yendiza enophephela emhlane.
UZuma uthe umtholampilo uzosetshenziswa amalungu omphakathi uma umengameli esehlile esihlalweni.
Uthe izindawo eziningi zokuphepha azikasetshenziswa ngenxa yophenyo olubhekene nalo muzi.