FANELESIBONGE BENGU
UMSAKAZI weGagasi FM ojoyine lesi siteshi kulo nyaka, ozobe ethula uhlelo kukhaphethi obomvu kumaMTV Africa Music Awards (Mama), e-ICC kusasa, uthi ufuna ukugqugquzela intsha yasemadolobheni amancane ngokuthi ibe namaphupho amakhulu.
UNomalanga Shozi (21) oshayela i Gagasi Music Session: Hip Hop noJunior de Rocka njalo ngoLwesine ngo-8 ebusuku, uzobe ekhuluma nosaziwayo abehlukene abazobe behamba kukhaphethi bengena kumaMama kusukela ngo-6 ntambama.
Konke okuzobe kuqhubeka kuzosakazwa kuGagasi FM elingabanye babaxhasi bale miklomelo.
“Ngifuna ukugqugquzela intsha yasemadolobheni amancane ngokuthi ibe namaphupho amakhulu. Uma kukhulunywa ngosaziwayo kukhulunywa ngabantu abaqhamuka eThekwini noma eGoli.
“Ngithi noma ngabe uqhamuka kuphi ungaphumelela ube semsakazweni noma kuthelevishini. Ngiqhamuka eBhobhoyi (ePort Shepstone) kodwa ngizobe nginosaziwayo bakuleli nabaphesheya,” kusho uNomalanga.
Uthe ujabule ngethuba alitholile ngoba usanda kufika kwiGagasi FM. “Ngiyabonga kakhulu kuNkulunkulu. Ngibonga nakwiGagasi nakuMTV Base ngokuthi bathembele kimina,” kusho lo msakazi obuye ashayele uhlelo i The Early Rise ngo-4 ekuseni ngoMgqibelo nangeSonto.
Uveze ukuthi ufisa agcine esengumethuli wezinhlelo zeMTV Base ngoba uthando lwakhe lusekubeni kuthelevishini.
“Ngingakujabulela ukuba ngumethuli wezinhlelo noma umlingisi. Yiyona nto engiyithanda kakhulu yikhona ukuthi ngangena emsakazweni kuqala,” kusho uNomalanga.
UKhulekani Shandu okhulumela iGagasi FM uthe: “Siyajabula ukuba yingxenye yama MTV Africa Music Awards njengoba ezobe eseThekwini. Abantu abangawatholanga amathikithi bangakhali njengoba bezokwazi ukuzwa amazwibela ngokwenzekayo kuma awards kwi Gagasi FM.”
Uhlelo lukaKing Sfiso i The Weekend Takeover luzobe lusakaza bukhoma phakathi kuka-7 no-10.
AmaMama, okuzobe kungawesibili eThekwini nonyaka azobe ekhonjiswa bukhoma kuMTV Base (DStv channel 322), MTV (DStv channel 130) nakuBET (DStv channel 129) okusukela ngo-12 ebusuku.
Amathikithi abiza u-R267 eComputicket.
Isolezwe liphisana ngamathikithi ahamba ngamabili kulabo abafuna ukuya kumaMamas ngokuthi uthumele igama elithi Mamas ku-33258. Ukungenela kuvalwa ngehora lesithupha ntambama.