SIBUSISO MDLALOSE
U MQEQESHI weMaritzburg City, u-Andile “Sguda” Cele, uthi yize engakalilahli ithemba ngesicoco seligi yeSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League kodwa akafuni ukufaka abadlali bakhe ingcindezi kule midlalo eyisishiyagalolunye ebasalele.
UCele usho kanjena nje ezakhe zizodudulana neDundee XI Experience ekuhambeni eMpumelelo Stadium, eDundee, namuhla ngo-3 ntambama, emdlalweni obaluleke kuwo womabili la maqembu.
ICity, esendaweni yesihlanu ku-log, isabalwa namaqembu amahlanu asembangweni weligi yalesi sigaba kanti ngakolunye uhlangothi iDundee ilwa ngayo yonke indlela ukusuka ezembeni njengoba kumanje ihlezi endaweni ka-13.
OweDundee XI Experience neMaritzburg City yiwona kuphela umdlalo ngaphansi kweSafa KZN ABC Motsepe League ozodlalwa namuhla.
“Iyangithokozisa indlela esibuyelwa ngayo wumgqigqo wethu muva nje kulandela ukwehlelwa kwethu yifomu kweminye yemidlalo yethu kule sizini. Yize iKings kuseyiyo esaqhwakele ku-log kodwa engikushoyo ukuthi kule midlalo esele kusengenzeka noma yini. Ngokwezibalo asikaphumi nakancane embangweni wesicoco seligi kodwa angifuni ukufaka abadlali bami ingcindezi ngeligi okwamanje,” kusho uCele.
“Siyayihlonipha iDundee futhi sikuqonda kahle ukuthi umdlalo wethu nayo uzoba ngonzima kakhulu njengoba ilwa nokubalekela izembe kodwa sizimisele ngokubuya nawo amaphuzu kulo mdlalo.’’
IDundee XI Experience, ebhinjelwa yizinto kulezi zinsuku, isishaywe imidlalo emibili ilandelana. Ihlulwe yiMajuba United ngo 2-0, yaphinde yalandelwa ngesinye isibhaxu sika 4-0 esithole kwiGamalakhe United ngoLwesithathu. Izoya kulo mdlalo ngenhloso yokuthola amaphuzu azoyenza isuke kule ndawo ekuyona.
IKings United engagayelwa mphako kulezi zinsuku iphinde yaqhubeka nokuvula igebe lamaphuzu amane phakathi kwayo neNatal United ngenkathi ishaya iMajuba United ngo 3-2, kwathi iSobantu Shooting Stars nayo esembangweni wesicoco seligi yanenebula iDurban Warriors ngo 3-1.
Imiphumela yeSafa KZN ABC Motsepe League
ngoLwesithathu:
KwaMashu All Stars 2-1 Gqikazi All Stars; Sobantu Shooting Stars 3-1 Durban Warriors; Amajuba United 2-3 Kings United; Drakensburg FC 0-0 One Touch; Gamalakhe United 4-0 Dundee XI Experience; Maritzburg City 1-1 Natal United; Thuthuka FC 3-0 Umgungundlovu Academy; Island 0-2 Milford FC
ILOG YE-SAFA KZN ABC Motsepe League
Amaqembu P W D L F A Pts
Kings United 21 16 2 3 39 12 50
Natal United 20 14 4 2 33 13 46
Sobantu Shooting Stars 20 11 4 5 36 20 37
Durban Warriors 19 10 4 5 38 24 34
Maritzburg City 21 8 8 5 24 23 32
Gamalakhe United 21 9 4 8 30 21 31
Gqikazi All Stars 20 8 5 7 24 19 29
Thuthuka FC 20 7 7 7 28 28 28
Milford FC 20 8 4 8 25 28 28
KwaMashu All Stars 19 8 4 7 22 31 28
Amajuba United 20 5 8 7 26 22 23
One Touch 21 5 7 9 22 35 22
Dundee XI Experience 21 5 5 11 14 23 20
Drakensburg FC 21 5 4 12 19 28 19
Island FC 21 4 4 13 15 41 16
Umgungundlovu 20 2 2 16 11 38 8