SIZWE BLOSE
S ISHIYE isigubhukane isikhulu somsakazo ongenisa inzuzo kwaSABC, iMetro FM.
UHappy Ngidi obesophikweni lezokwazisa kulo msakazo kuthiwa uthumele incwadi yokwesula ngesonto eledlule ngemuva kokuqokwa komphathi omusha okuyisikhundla naye abesigaqele.
Ethintwa uHappy uziqinisekisile izindaba zokwesula kwakhe kwiMetro FM.
“Ngiyithumelile incwadi, sekusele ukuthi bona babuyele kimina,” kusho uHappy.
Akafunanga ukwanda ngezizathu kodwa ume kwelokuthi yinto ethinta yena ngqo nomsebenzi abewenza.
Isikhundla sokuba umphathi siteshi sigcine sesithathwa uSibongile Mtyali kanti phambilini besikuMartin Vilakazi.
UHazel Tlhapanyane naye obegaqele ukuba umphathi siteshi uzoqhubeka nomsebenzi abewenza weCorporate Social Investment kaSABC, uKina Nhlengethwa obeyiMarketing Manager uyiswe kwa-Radio 2000.
Umthombo opotshozele Isolezwe lezi zindaba uthe akekho obelindele ukuthi uHappy angashiya kulo msakazo ngalolu hlobo.
“Kuningi obekusalindeleke kule ntokazi ebibonakala iwenza kahle umsebenzi wayo. UHappy ufike ekupheleni kuka-2011 wenza omkhulu umehluko. Wonke umuntu usazibuza ukuthi kwenzekeni,” kusho lo mthombo.
Uthe akwaziyo wukuthi uHappy ubambe elikhulu iqhaza ekufihleni u-Eddie Zondi owayengumsakazi kwiMetro FM, imiklomelo yamaMetro FM Awards uyithathe wayibeka kwelinye izinga, ubumqoka nokubaluleka kweMetro FM ukuthathe kusuka ku-18 million wakubeka ku-64 million.
Emisakazweni yakwaSABC uyena njengomkhulumeli womsakazo obekwenza kucace ukuthi iMetro FM iphethwe wuSABC ngokuzwakala kuyona yonke imisakazo yakhona uma kunokuthize abakuphushayo.
Lo mthombo uphinde wathi uHappy uke wahlukumezeka emoyeni ngesikhathi iziphathimandla zimazisa sekusele izinsuku ezintathu kube nomcimbi wamaMetro ukuthi asiphumelelanga isicelo sakhe sokuba umphathi siteshi.
“Babengalinda kudlule ama-awards ngoba babelazi iqhaza likaHappy kulo mcimbi,” kusho umthombo.
UKaizer Kganyago okhulumela iSABC uthe ubengakezwa ngodaba lukaHappy.
“Yizindaba ezibucayi kakhulu lezi ezithinta umqashi nomqashwa kungakuhle nithinte yena,” kusho uKaizer.