INTATHELI YEZEZIMOTO
K UQALILE ukusebenzisana phakathi kwenkampani yezimoto iRenault noMnyango wezokuVikela. nowamaPhoyisa ezempi njengoba izimoto zakwa-Renault ezingaphezulu kuka 200 seziqalile ukuthunyelwa eminyangweni kahulumeni ezingeni likazwelonke nakohulumeni basekhaya.
Iminyango ebhekwe kakhulu owezokuVikela, iSouth African Police Services (SAPS) kanye nowezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal.
Ukusebenzisana kwale nkampani nohulumeni kusukela ekukhishweni kwethenda eyafakwa uhulumeni kuzo zonke izinkampani kodwa uRenault kwaba yiwo ogcina uqokiwe.
Ngokusho kwesikhulu sakwa Renault uBrian Smith oyiNational Fleet and Pre-Owned Manager, ngonyaka odlule bathola isicelo siphuma eMnyangweni wezokuVikela ukuba babathumelele ama-Renault Sandero angu 65 kanye nama-Megane Hatch 1.9 DCI angu 20. Uzokhumbula ukuthi iRenault Sandero ngenye yezimoto ezakhiwa kuleli ePitoli kanti lokho kudala amathuba emisebenzi kubantu baseNingizimu Afrika okwenza nohulumeni agqugquzeleke ekuqiniseni ubudlelwano.
Ngenxa yokuqina kobuhlobo phakathi kukaHulumeni neRenault bagcine sebefaka nama-oda ezinye zezimoto ezisezintsha emakethe njenge-Fluence Sedan neMégane Shake-It! 1.6 hatchback.
Kwa-Renault babonga kakhulu uValerie Made obekunguye obesekhaleni lezingxoxo ngasohlangothini lukahulumeni futhi okunguye owenza isiqiniseko sokuthi lokhu kusebenzisana kuyaqhubeka nangesikhathi esizayo.
UValerie uthi abomnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal bakuthokozele kakhulu ukuthola lezi zimoto ikakhulukazi ngoba kuzoba ngokokuqala ukuthi basebenzise izimoto zakwa-Renault eMnyangweni.