NONTUTHUKO NGUBANE
U NINA wesihlabani somculo wokholo uSfiso Ncwane osanda kugixabeza umfundisi wakhe ngomnikelo wemoto ka-R1.9 million uthe ujabule kakhulu kulandela ukugcwaliswa kwefriji lakhe yindodana yakhe.
Kusukela ngeledlule uNcwane uzithintele kubalandeli bakhe abebemgxeka ezinkundleni zokuxhumana ngesipho sonyanyavu lwemoto emhlophe i-AMG Mercedes-Benz GL 63 V8 ayinikelele umfundisi uFrancis Anosike ngesonto eledlule.
Izindaba zokuvela kukanina uNksz Fikile Ncwane (60) ekhala ngokungondliwa yilo mculi kodwa ebe enikela ngemoto ebizayo kumfundisi kubhebhezele ulaka lwabalandeli ezinkundleni zokuxhumana.
Izolo unina walo mculi utshele Isolezwe ukuthi uNcwane uthumele imali yokudla kudadewabo wathengelwa igilosa kwagcwaliswa nefriji.
“Wengane yami ave ngijabule njengoba ifriji lami seligcwele ukudla. Mina bengingaphikisani nemoto indodana yami eyithengele umfundisi. Ebengikufuna ukuba angithengele ukudla. USfiso uthumele imali wayinikeza udadewabo wabe esengithengela ukudla. Ngikhuluma nawe nje ukudla kugcwele indlu,” kusho uNksz Ncwane ebekuzwakala ukuthi ujabule.
Ekuqaleni kwesonto uNksz Ncwane uzwakale ohlelweni lukaJacinta Ngobese i Vuma FM Brunch ekhihla isililo echaza ngokunganakwa yindodana yakhe engamondli, wathi ne-friji lishaywa wumoya ekhaya.
Abalandeli bakaNcwane badinwe baze balibeka ngembaba elokuthi lo mculi akabuyise imoto bese ondla unina.
Udaba lwefriji bese luphenduke undabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana, abantu bethi akugcwaliswe ifriji. Abanye bebeze basho ukuthi uma ekhipha enye i-albhamu kumele isihloko sayo sithi “Empty Fridge.”
Unina kaSfiso uthe akanankinga ngendodana yakhe uma ifuna bazoxoxisana.
“Ngizoyamukela ngezandla ezimhlophe indodana yami uma ibuyela ekhaya. Sizoxoxisana silungise nezinto. Akakaze angifonele noma sixoxe selokhu ngezwa kwabezindaba ukuthi ufuna lolu daba siludingide njengomndeni,” kusho uNksz Ncwane.