Mthokozisi Manqele
U SEZUZE okuningi emsakazweni womphakathi kodwa ukhala ngokuthi abantu abakamazi ngenxa yokuthi usakazela umsakazo womphakathi ozinze eJozini ngokwakhe okuyindawo ekude nalapho okwenzeka khona izinto.
Ngaleyo ndlela isifiso sakhe esikhulu sekuwukusakazela umsakazo omkhulu.
UBuhlebuyeza (BK) Khumalo wenza uhlelo lwasekuseni kwiMaputaland FM olubizwa nge Rise and Shine(Vukugqame) breakfast show engena ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-6 kuya ku-9. Yize izinto zibukeka ziwumqansa kodwa umsakazo wenza kahle kakhulu ngangoba usanda kwenyukelwa yisibalo sabalaleli. njengamanje iMaputaland, edume ngeMCR 107, inabalaleli abangu-165 000.
UBK uthe noma kunzima kanjani kodwa uzozabalaza aze afike ephupheni lakhe lokuthi ngelinye ilanga azwakale emsakazweni omkhulu.
Uthe uyazifela ngomsakazo kangangoba uqopha zonke izinhlelo zakhe, luthi uma seluphelile uhlelo abe eseludlala futhi ngoba efuna ukuzwa amaphutha awenzile ukuze awalungise. “Ngingasho ngingananazi ukuthi umsakazo ozongithola uzongifica ngibukhali njengommese,” kusho uBK.
Uthe uzalelwe waphinde wakhulela eMbazwane, Kwamhlabuyalingana. useneminyaka ewu-10 esakaza.
Uthe uphinde asakaze nohlelo lomculo kamasikandi, Ezomdabu, olungena njalo ngoMgqibelo ngo-1 kuya ku-3.30 ntamabama.
Uthe into eyamenza ukuthi akhethe lomkhakha wezokusakaza ukuba nentshisekelo yokugqugquzela abantu ngempilo nokukhuluma ngezinto ezibathintayo.
“Ukuba semsakazweni kunginika ithuba elanele lokuxoxa nabo ezinhlelweni ngoba ngiyabazi ubunzima bempilo nezinto abantu abaningi abavame ukuhlangabezana nazo. Ngempela bayasizakala abantu, baningi abayaye bengithinte basho ukuthi uhlelo lwami belukhuluma nabo,” kusho u-BK.
Phakathi kwezinto asezizuzile kusukela ngo-2007 kuze kube yimanje emsakazweni: Uphume isibili kumaSATMA ngo-2007. Kwi-Maputaland Radio uhlale eqokwa njengomsakazi wenyanga, uhlonishwe njenge Best Music Presenter, Best Researcher and Producer Presenter of the Year neBest Programmes Producer. Kumanje uqokwe eqoqweni lomsakazi ovelele okufanele avotelwe kuma-SAVA Awards.
Uthe baningi abantu abukela kubo ukuze bathole ukuhlakanipha. Usesele nodadewabo uNontombi Khumalo ngoba abazali sebashona.
Isikhathi usichitha ngezinhlelo zenkampani yakhe ehlela imicimbi. Unezingane ezimbili kodwa akakathathi.