MTHOKOZISI MNCUSENI
K USEKUNCANE okwenziwe yiSuperSport United ekhiphe i-Orlando Pirates kuTelkom Knockout yazifaka kowamanqamu walo mqhudelwano lapho izobhekana khona nePlatinum Stars ngoNovemba 29, ngokusho komqeqeshi wayo, uGordon Igesund.
U-Igesund osanda kuthatha izintambo kuCavin Johnson kuMatsatsantsa A Pitori ubekisele leli qembu indawo kowamanqamu eZiwa Mo ebolisa eZimnyama ngo 2-0 wamagoli oDove Wome noLebogang Manyama emdlalweni obuse-Orlando Stadium ngempelasonto.
ISuperSport sekuphele amasizini amabili yagcina ukuhlabana ngesicoco. Igcine ukwenza lokho kusekhona uGavin Hunt ngo-2012 imuka nesicoco seNedbank Cup iqumba phansi iMamelodi Sundowns ngo 2-0 khona belu e-Orlando (Stadium).
Ngesizini ka-2012/13, iSuperSport yashaywa kabili emidlalweni yamanqamu (koweMTN 8 neNedbank Cup). Yize kumthathe izinyanga ezimbalwa u-Igesund ukwenza into osekuyithathe unyaka nezinyanga iSuperSport, lo mqeqeshi obekuBafana Bafana ukubeke kwacaca ukuthi ezakhe azikafiki ezingeni afuna zifinyelele kulona.
“Ngabe ngiqamba aluhlaza amanga uma ngithi angijabule ngoku-shesha kwezinto ukuhlangana. Nakuba kunjalo kodwa sisekude kakhulu kunalapho sifuna ukuba khona. Umsebenzi osihlalele usemkhulu kodwa okuhle ngalokhu ukuthi sonke siyazi (ukuthi sisahlalelwe wumsebenzi omkhulu),” usho kanje ezwakala ukuthi uneme.
Ebuzwa ngemfihlo afike nayo kwazise nakweyeligi iSuperSport ilokhu iqhubeke njalo nokuqoqa amaphuzu, okuyinto ebingasayazi kuJohnson, uthe konke kulele kubadlali.
“Ngisho ungalanda umqeqeshi wakuphi uma abadlali bengazimisele ngokusebenza imiphumela ngeke itholakale. Abadlali bayithatha njengoba injalo imiyalelo yami. Abanye abangifihleli nokuthi ukuvuka beze ejimini bakuphupha ngisho belele. Kusobala ukuthi bayayithanda indlela engenza ngayo izinto ngakho ngeneme ngalokhu.
“Ngihlalele ethembeni lokuthi okwenzekayo ngeke kube yinto yesikhashana. Uma siqhubeka kanje abantu basazobona lukhulu kithina,” usho kanje.
Kusukela efikile ebholeni elikhulu u-Igesund usedle izicoco ezine namaqembu amane ahlukene kodwa kweyemikhumulajezi inhlanhla iyamphikisa. Uqale ngo-2000 wadla isicoco seBP Top 8 nePirates. Kudlule iminyaka eyisikhombisa wanqoba eseSAA Supa 8 neSundowns manje usefake iSuperSport kowamanqamu.
“Ngithemba ukuthi nakulokhu umlando wokweqiwa yiminyaka eyisikhombisa bese kuba yima ngithola indebe uzoziphinda,” usho kanje efa yinsini.