FANELESIBONGE BENGU noPHUMLILE NTSELE
B azovuka ngamaphimbo osaziwayo abalaleli besiteshi esisha iVuma 103 FM ezoqala ukusakaza kusasa.
Usomahlaya waseThekwini uFelix Hlophe nomlingisi owaduma ku Sarafina naku Generations, uLeleti Khumalo, yibona abazoshayela lolu hlelo, i Kwasa Breakfast Show ezoqala ngo-6 kuya ku-9 nsuku zonke kulo msakazo.
Lokhu kudalulwe esithangamini sabezindaba ebesisezindlini zeVuma eMhlanga izolo emini.
ULeleti Khumalo osanda kubopha elikasofa silahlane nempunyela, uMnuz Skhuthazo Khanyile, uthe ulwazi olunzulu analo emkhakheni wezikaqedisizu-ngu kuyamjabulisa ukuthi uzothola inkundla yokuthi aludlulisele kwabanye.
“Angisakwazi ukulinda usuku (namuhla) lapho khona ngizobe ngikhipha ulwazi lwami ngezihloko zokugcinwa kwemindeni, ezempilo nokunye,” kusho uLeleti obechichima injabulo.
Uzakwabo uFelix uthe ukumenywa emisakazweni eyahlukene njengoKhozi FM, ukuba azoshaya amahlaya nokuphatha imicimbi eyehlukene yikho okumenze wagcina esenothando lomsakazo.
“Ngalesi sikhathi ngisakaza, ngizolokhu ngikitaza abalandeli ngamahlaya engidume ngawo nabangithandela wona. Ngizophinde ngishaye namasha abangawazi. Kubalulekile ukuqala usuku ujabule,” kusho uFelix.
Okubuye kwagqama kulo mcimbi wukubonakala kobuso babasakazi asebemnkantshubomvu kwezokusakaza nasebeke basakaza emisakazweni yemiphakathi okubalwa kubo oLinda ‘The Game’ Ndimande owaqala kwiDurban Youth Radio wajoyina Igagasi Fm njengoba ebesekwiVibe Fm, uSenzo Myeni osebenze iminyaka neKNI Radio noThabani Mbatha wodumo lwesikhangiso esithi ‘ shiy’ umona dah’ nabanye.
Abaphathi balo msakazo bakuqinisekile ukuthi okwamanje lesi siteshi sisazozwakala eThekwini, eMgungundlovu, eRichards Bay nasePort Shepstone bese sibuye sinwetshelwa kwezinye izingxenye zesifundazwe, kuye ngokudlondlobala kwaso.
Umphathi siteshi uNksz Phindi Gule, uthe sizobe sisakaza u-90% ngolimi lwesiZulu u-10%isiNgisi.
Umculo wona uzoba ngu-80% okusho ukuthi kuzobe kudunyiswa ubusuku nemini njengoba sizobe sigabe ngomculo wokholo.
“Ngesikhathi senza ucwaningo sibambisene nesiteshi samakholwa esabe sinezingqinamba ngokuthola ilayisensi yokusakaza iKNI kwagqama ukuthi abantu bakulesi sifundazwe bawulambele kakhulu umculo wokholo kanjalo nezwi leNkosi, yingakho senze isiqiniseko sokuthi sibalethele abakudingayo,” kusho uNksz Gule.
Olunye uhla lwabasakazi lumi kanje: Kusukela ngo-9 kuya ku-12 kuzosakaza uSista K, uDumisani Buthelezi uzosakaza kusukela ngo-12 kuya ku-3 ohlelweni i Sikhiphunyawo, kusukela ngo-3 kuya ku-6 kuzosakaza uLinda ‘The Game’ Ndimande noNdoni Radebe ohlelweni i- Afternoon Drive-Umthwalo usobhokweni.
Kusukela ngo-6 kuya ku-7 Umcebowethu okuwuhlelo lwezomnotho oluzobanjwa wuNhlanhla Makhanya, ngo-7 kuya-10 kukhona uFundiswa ‘Teddy Bear’ Xaba ohlelweni oluthi Uthingo, kusukela ngo-10 kuya ku-2 ekuseni kungena uThabani ‘ Shiy’ umona dah’ Mbatha ohlelweni Walala Wasala bese kuthi kusuka ngo 2 entathakusa kuya ku-6 kungena uProtas Mkhize nohlelo i Khaya.