MHLENGI SHANGASE
BAZOVELA obala abakopele noma abakopelise abafundi u-matric walo nyaka njengoba kusasa kuqala ukumakwa kwamaphepha.
Lokhu kushiwo yisikhulu esibhekele izivivinyo KwaZulu-Natal, uDkt Barney Mthembu othe abakopelile babathola uma sekumakwa.
UMthembu uthe othisha abamakayo bayafundiswa ukuthi baqaphele okuthile ukuze kuvele labo abakopelile noma abakopelisiwe.
“Izivivinyo zika-matric zihambe kahle esifundazweni. Akukho phepha esiliphindayo njengoba eLimpopo bezobhala ele-Life Sciences. Abasebenza ophikweni lwezivivinyo lomnyango bafikile ezikhungweni zokumaka. Abamaki abamnkantshubomvu bafika kusasa (namhlanje). Sizobabamba lapho abakopelile ngoba othisha bayacijwa ukuthi bababone,” usho kanje.
Ukusho lokhu nje nyakenye izikole ezingaphezulu kuka-20 zabanjelwa imiphumela kulandela umkhonyovu wokukopela kwabafundi.
UMthembu uthe yibona abakhomba abakopela base bedlulisela lonke ulwazi emkhandlwini oqinisekisa izingabunjalo lemiphumela Umalusi.
“Umnyango owabamba zonke izikole ezakopela sase sizidlulisela kuMalusi ukuze uphenye. Nakulokhu uma singabatholanga ngesikhathi bebhala uma sekumakwa siyababamba. Ukumaka kuqala ngoLwesibili ngemuva kokubhunga nge-memorandum yokumaka. Zonke izikhungo zizovula ngehubo lesizwe ukuze sitshengise ukuthi umsebenzi esiwenzayo owesizwe, akudlalwa,” kuqhuba uMthembu.
Uthe baqeqeshiwe othisha abamaka okokuqala kulo nyaka ngoba minyaka yonke bafuna ukunika othisha abasha ithuba.
“Sibaqeqeshile ngoba sinesibalo esisithathayo minyaka yonke sothisha abasha. Lokhu sikwenza ukuze sinike nabanye othisha ithuba lokumaka. Njalo ngonyaka bafaka isicelo sokuthi bafuna ukumaka ngoba akuwona umsebenzi wabathile kuphela,” usho kanje.
Uthe othisha bezikole ezakopela nyakenye babhalelwe izincwadi yinhloko yomnyango, uDkt Nkosinathi Sishi, ebazisa ukuthi uzobabeka amacala ngabakwenza.
“Mayelana nezikole ezakopela zibhalile izivivinyo kusaqhubeka izigcawu zophenyo. Ezinye zaqoka abameli kanti uhlelo lusaqhubeka, kwezinye uphenyo seluphothuliwe.”
UMthembu uthe kuke kwaba nengebhe kwezinye izikhungo njengoba kuhlasele isomiso.
Uthe le ngebhe ibiqutshulwa ngukuthi kwezinye izindawo ezisenyakatho yesifundazwe amanzi ayaphela.
“OLundi bekunenkinga yamanzi ngakho sigcwalise amanzi emathangini ukuze kungabi nenkinga. Uma kumakwa othisha bahlala ngaphakathi ngakho kudingeka bageze baye nasemathoyilethi ngakho kudingeka ukuthi kuhlale kukhona amanzi,” kusho uMthembu.
Uthe le nkinga iyalungiseka ngoba bakhona onjiniyela abasebenzisana nomnyango wathi namathangi afakiwe amanzi kulezi zikhungo.
UMthembu uthe lezi zivivinyo beziqashwe ngelokhozi kulandela ukuvela kwezinsolo zokukopela kwabafundi ngonyaka odlule.