MLUNGISI GUMEDE noMCEBO MPUNGOSE
I KHANSELA le-ANC elisembangweni wesikhundla sikasihlalo eThekwini uNkk Zandile Gumede, izolo likhiphe amazwi ashubile lathi lizoqhubeka nokubhidliza izindlu zabantu abakhe emhlabeni ongafanele kwi-ward yalo eMaoti ngoba ngeke livume ukuthi iNingizimu Afrika iphendulwe ikwampunzedlemini.
Esithangamini nabezindaba ehhovisi lakhe eMaoti izolo uNkk Gumede ushaye phansi ngonyawo wathi bazoqhubeka nokuzithela phansi izindlu ngoba bavunwa wumthetho.
“Sizoqhubeka sizibhidlize izindlu zabantu ezakhiwe endaweni engafanele ngoba esikwenzayo silawulwa wumthetho futhi senza umsebenzi wethu njengohulumeni,” usho kanje.
UNkk Gumede uthe abakwazi ukuvumela abantu ukuba bagoloze bangafuni ukusuka endaweni kugcine sekuphazamiseka intuthuko.
undefinedUthe kwayena indlu yakhe enamakamelo amane yabhidlizwa kwasala isiza ngoba wayakhe endaweni engafanele.
“Sifuna bazi nalaba abanye esingakafiki kubona ukuthi asisinisi mahleza sizobabhidlizela njengoba sesiqalile,” usho kanje.
UNkk Gumede uthe babe nemihlangano eminingi bewuxwayisa umphakathi ngokuthi izindlu zizobhidlizwa kodwa wangalalela.
Uphikile ukuthi ukubhidlizwa kwezindlu kuhlangene nezepolitiki njengoba kusola umphakathi.
“Indaba yokuthi izindlu zizobhidlizwa kade yaqala ungakabi khona ngisho umbango wesikhundla sokuba usihlalo we-ANC eThekwini phakathi kwami noMnuz James Nxumalo,” usho kanje.
UNkk Gumede uthe naye ubengazi ukuthi kuzobhidlizwa izindlu ngoLwesithathu.
“Kubuhlungu kona ukuthi abantu babhidlizelwe izindlu kodwa nathi senza umsebenzi futhi sifuna nabanye bazi ukuthi uhulumeni uyalalelwa,” usho kanje.
Uthe ziningi izindlu abasazozithela phansi ngoba zakhiwe ezindaweni ezingafanele.
Phakathi kwezindlu ezizobhidlizwa kukhona nezinkulu ezakhiwe ngezitini, kukhona ngisho namakotishi anamakamelo angu-37 umnikazi wawo okuthiwa wawakha wawashiya wayohlala eGoli.
Kubhekwene ngeziqu zamehlo phakathi kwamalungu omphakathi nekomiti likaNkk Gumede osekubikwe nangezinsongo zokuhlaselana.
Amalungu ekomiti athe awazange alale ngosuku okubhidlizwe ngalo izindlu evivile esaba ukuthi angase ahlaselwe.
UNobhala wekomiti uMnuz Doctor Zungu uthe ngoLwesithathu ebusuku ngesikhathi bevivile babone ilungu lomphakathi eliyiphoyisa lizulazula eduze komuzi wakhe liphethe isibhamu ngesandla.
“Leli phoyisa kuthe uma lisibona labaleka. Ukuba asizange silibone mhlawumbe ngabe sikhuluma enye indaba namhlanje,” usho kanje.
UZungu uthe bathathe isinqumo sokuthi bangalali ngoba bebona ukuthi isimo sishubile njengoba kubhidlizwa izindlu.
Ezokuphepha beziqinile izolo eMaoti. UNkk Gumede ufike nenqwaba yamaphoyisa omkhandlu abemphelezela.