MBONGISENI BUTHELEZI
EseGoli
USTEVE “Mphathi” Komphela, oqeqesha iKaizer Chiefs, wazi kahle ukuthi uhlangene nezimbila zithutha kuMuhsin Ertugral, ocija iMpumalanga Black Aces nongumakadebona ezindebeni zomkhumulajezi.
Kulindeleke umdlalo onzima phakathi kweChiefs ne-Aces abazobhekana kwi-quarterfinal yeTelkom Knockout ngempelasonto ka-Okthoba 24/25. Lo mdlalo kuzobe kungowe-Aces kodwa izinkundla nezinsuku eziqondile zizomenyezelwa maduze nje.
IChiefs ivele iqale lo mqhudelwano ngomdlalo onzima lapho ibhekane khona nePlatinum Stars eyithele othulini ngo 3-0 eMoruleng Stadium, eNorth West ngeSonto.
AmaZayoni wona aphunyuke kanzima kuBloemfontein Celtic emdlalweni ophele ngo 0-0 kwalamula amaphenathi lapho ezika-Ertugral ziphumelele khona ngo 3-2.
UKomphela, uthe babheke ukwenza kahle kuTelkom Knockout njengoba izinto zingahambanga kahle kuMTN 8.
“Amaqembu adlala neChiefs ahlale efuna ukuphakamisa izinga, ne-Aces ngeke ihluke kulawo maqembu. Okuhle ukuthi sibabonile bedlala. Lona kuzobe kungumdlalo womkhumulajezi,” kusho uKomphela.
“Njengoba sihlulwe yiMTN8 manje sesinethuba elihle lokuthi sinqobe iTelkom Knockout. Umqeqeshi uMuhsin Ertugal usakhe iqembu eliqinile. Lapha sizodlala nomuntu osenqobe izindebe nokwenza abe yingozi .”
UKomphela uthe ujabulile ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo libhekene nePlatinum Stars kuLast 16 ngeSonto.
“Ngiyithandile indlela esidlale ngayo neStars. Lapha besidlala noCavin Johnson umqeqeshi omuhle, neqembu lakhe lidlala kahle futhi linamava. Kodwa uma uqeqesha iqembu elifana neChiefs, Orlando Pirates noma iMamelodi Sundowns kaweneliseki uze unqobe indebe,” usho kanje.
Encoma uSiphelele Mthembu ngakwenze bedlala neStars, uthe: “ Udlale kahle, ngiyaye ngimbone uma ezilolonga ngokushaya amagoli eNaturena. Mhlawumbe unyuse amasokisi ngoba ubona ingcindezi eza nokuba khona kukaCamaldine Abraw no-Edward Manqele.”
U-Abraw noManqele yibona abaqale umdlalo. Badlale kahle yize behluleke ukuthola amagoli. UKomphela uhalalisele iPirates ngemsebenzi omuhle kuCaf Confederation Cup njengoba idlulele kowamanqamu ngemuva kokushaya i-Al Ahly ngeSonto.
“Ngithanda ukuyibongela iPirates ngomsebenzi omuhle ngoba lezo yizindaba ezinhle eMzansi. IPirates yanqoba iCaf Champions League ngo-1995 kwathi ngonyaka olandelayo sanqoba Africa Cup of Nations,” kusho uKomphela.
U-Ertugral uthe: “Sinenselelo enkulu ngoba iChiefs yiqembu elikhulu eNingizimu Afrika. Kodwa lokho akusho ukuthi siyayesaba. Ngizosebenzisa ulwazi enginalo ekunqobeni izindebe ukuthi ngibashaye. Into eyenza senze kahle ukuthi sifuna ukunqoba kuyo yonke imidlalo esiyidlalayo.” Ngesizini edlule iChiefs ishaye i-Aces ngo 4-0 kwi-quarterfinal yeMTN 8. Emdlalweni weligi wokuqala iChiefs iwine ngo 1-0, kowesibili yabashaya ngo 2-1.
Imidlalo yeTelkom Knockout:
Free State Stars vs Sundowns
SuperSport vs Golden Arrows
Mpumalanga Black Aces vs Kaizer Chiefs
Orlando Pirates vs Maritzburg United
NOMA
Maritzburg United vs University of Pretoria