MBONGISENI BUTHELEZI
EseGoli
I KAIZER Chiefs izoya emdlalweni wayo ne-University of Pretoria kwenyukile ukuzethemba ngemuva kokuthi umqeqeshi wayo uStuart Baxter nomdlali wasesiswini uMandla Masango beqokwe njengabashaye into ecokeme ngo-Agasti yiPremier Soccer League (PSL) izolo.
Amakhosi azobhekana namaTuks kowe-Absa Premiership, eFNB Stadium, eSoweto, kusasa ngo-3 ntambama.
“Kuyinto emnandi ukuthi ngiqokwe njengomqeqeshi ovelele,” kusho uBaxter kafushane.
Ngokuwina le miklomelo uBaxter noMasango bathole u-R5 000 emunye.
UBaxter uthe uphithene ikhanda ukuthi uzofaka muphi unozinti endaweni ka-Itumeleng Khune olimele. Onozinti abakhona nguBrilliant Khuzwayo noReyaard Pieterse.
“Kuyinto engeyinhle ukuthi ngeke abe khona uKhune kulo mdlalo ngoba ungumdlali obalulekile. Bobabili uPieterse noKhuzwayo banethuba elifanayo lokudlala lo mdlalo. Ngiyethemba ukuthi lowo ozonikwa ithuba uzolisebenzisa ngendlela,” kusho uBaxter.
Uzwakalise ukungenami ngendlela olusingathwe ngayo udaba lukaKhune kuBafana.
“Bengingalindele ukuthi bakhulume ngesimo (sokulimala) sikaKhune kwabezindaba njengoba benzile. Angazi ukuthi izindaba zokuthi ubedlala elimele ziqhamuka kuphi ngoba ubengumqemane nje ekhahlela ibhola kahle, egxuma. Engikwaziyo ukuthi sinodokotela abahle kakhulu eqenjini lethu esengisebenze nabo kahle kule minyaka emibili ngikuChiefs.”
Uthe umdlalo wabo namaTuks ubalulekile ngaphambi koweMTN8 ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium ngesonto elizayo.
“Kuzoba nzima kakhulu uma sihlulwa amaTuks ngoba sizoya kowamanqamu besingabaza abalandeli bethu kanti nokuzethemba kuzokwehla,” kusho uBaxter.
Uthe uchazekile ngendlela abadlale ngayo abadlali bakhe, u-Erick Mathoho noMasango, kuBafana Bafana.
“Iqembu lidlale kahle kodwa angicabangi ukuthi umqeqeshi usenelisekile ngalokho. Ngimbonile uMathoho ubengatatazeli kanti noMasango belibonakala igalelo lakhe.”
UBaxter uthe ukuthatha ikhefu kube yinto enhle kubafana bakhe ngoba sebedlale imidlalo eminingi engalishintshi iqembu.
“Bengingazimisele ngokushintsha iqembu libe liqhubeka nokuwina. Ikhefu lisisizile ngoba laba badlali bazobuya bebasha, sekusele emiqondweni yabo ukuthi bawulungele yini umdlalo olandelayo,” kusho uBaxter.
Imidlalo ye-Absa Premiership ngempelasonto:
Kusasa:
Kaizer Chiefs vs University of Pretoria (FNB Stadium, 3pm); Maritzburg United vs Mpumalanga Black Aces (Harry Gwala Stadium, 3pm); SuperSport United vs Platinum Stars (Lucas Moripe Stadium, 6pm); Polokwane City vs AmaZulu (Old Peter Mokaba Stadium, 6pm); Orlando Pirates vs Bidvest Wits (Orlando Stadium, 8.15pm); Ajax Cape Town vs Free State Stars (Athlone Stadium, 8.15).
NgeSonto
Moroka Swallows vs Chippa United (Dobsonville Stadium, 3pm); Bloemfontein Celtic vs Mamelodi Sundowns (Free State Stadium, 3pm).