BAWINILE NGCOBO
UGQUGQUZELA abesifazane ukuthi bangene emkhakheni wezokwakha ngoba kuhlale kunemisebenzi kuwo, owesifazane osebenza embuthweni wezokuVikela kuleli, ePitoli.
UCorporal Phumzile Msomi (23) waKwaMakhutha useneminyaka emine engenile kulo mbutho kanti usebenzela eFirst Base Water Front, ophikweni lwamabhanoyi lapho engumakhi khona.
Uthe uyawuthanda umsebenzi wakhe futhi usebona manje ukuthi wayevele ewuthanda esemncane kodwa enganakile.
“Uma sengicabanga ngezinto ebengizenza ngisemncane ngiyabona ukuthi lo mkhakha engikuwo manje bengivele ngiwuthanda,” kusho uCorp Msomi.
Ngesikhathi eqeda uGrade 12, ngo-2009, KwaMakhutha High, uthe wayefuna ukwenza izifundo zeBio Chemistry kodwa wathathwa kwi-Applied Chemistry.
“Ngayenza unyaka owodwa ngase ngiyabizwa embuthweni ngoba ngangifakile isicelo sokuqeqeshwa khona. Ngangifuna into engizothi ngiyifundela ngibe ngithola imali. Ngathi uma ngibizwa ngabona kuyithuba elingcono ngoba ngangizofundiswa ngibe ngihola,” kuchaza uCorp Msomi.
Wakhethwa ukuthi angene ophikweni lwezindiza ngesikhathi benza inhlolokhono.
Kulolu phiko ungumakhi.
“Sikwenza konke, siyakha lapho kuhamba khona amabhanoyi phansi, sakha izindlu, siyapenda, sikwenza konke nje okuqondene nokwakha,” kuchaza Corp Msomi.
Uthe abesifazane abaningi uma bengena kulo mbutho bakhetha imikhakha ebahlalisa emahhovisi.
“Lapho ngisebenza khona siyisithupha kuphela abesifazane. Abantu abangakunaki ukuthi uma wenza lo msebenzi uyangcola, akusiwo umsebenzi wokungcola kuphela. Kufanele singcole phela umsebenzi wethu siwenza ngezandla kodwa uma sewenziwe siyaziqhenya ngawo.”
Uthe kunamathuba amaningi emkhakheni wezokwakha ngoba emhlabeni kuhlale kukhona izinto ezakhiwayo okungaba imigwaqo, izindlu nokunye.
Uthe abantu besifazane abangazithambisi, abangene kule mikhakha eyayaziwa ngokuthi ingeyamadoda.