MINENHLE MKHIZE
U BABAZA amandla eMultichoice Diski Challenge umdlali weLamontville Golden Arrows, uNkosingiphile “King” Gumede othuke kwaphela nasozwaneni ebizelwa kuBafana Bafana.
NgoMgqibelo ngo-3 ntambama iBafana izoshukana ne-Angola emlenzeni wokuqala womdlalo wokuhlungela ukuzibekisela indawo kuCaf African Nations Championship (Chan).
UGumede (21) odabuka eCato Manor (KwaMasxha) uzobanga ijezi kuBafana noWayne Sandilands weMamelodi Sundowns noDumsani Msibi weSuperSport United.
Exoxa ne Solezwe, uGumede ubonge amandla eMultichoice Diski Challenge. I-Arrows yenza kahle kulo mqhudelwano.
“Izindaba zokubizelwa eqenjini lesizwe ngizithole ngomqeqeshi (uSerame Letsoaka) ngoLwesine ngesikhathi sizilolonga. Ngithukile ngesikhathi ngizizwa kwazise yinto ebengingayilindele ukubizelwa kwelesizwe. Ukubizwa kwami kukhomba ukuthi akufanele uzibukele phansi uma udlala kuMultichoice Diski Challenge ngoba ungangena kwelesizwe ngisho udlala khona,” usho kanje.
Lo nozinti oqale ukudlala esigabeni esikhokhelayo ngo-2011 esuka eqenjini lenkulisa ye-Arrows useke wadlala kwelesizwe lika-Under 20 naku-Under 23.
“Ngeneme ngokubizelwa kwelesizwe. Kudala ngifisa ukumela izwe lami kuBafana. Benginalo ithemba lokubizelwa eqenjini elikhulu ngoba bengilokhu ngibizwa ku-Under 20 naku-Under 23. Nokho bengingalindele ukuthi ukubizwa kuBafana kuzokwenzeka ngokushesha okungaka,” kusho uGumede.
KuMultichoice i-Arrows igila izimanga. Ihlezi esicongweni ngamaphuzu angu-10 emidlalweni emine. Leli qembu selinqobe imidlalo emithathu ladlala ngokulingana kowodwa. Selishaye amagoli angu-10 ladedela amahlanu.
“Ngifuna ukucosha lonke ulwazi engingaluthola kuBafana. Isipiliyoni sokubizelwa kwelesizwe ngizimisele ngokuthi singikhulise siphinde singisize ekutheni ngiqhubeke nokwenza kahle kuMDC,” kusho uGumede.
Eqenjini elikhulu uGumede umiswe kabi nguMax Mbaeva noPhilani Zikalala. KuMulti Choice ubanga ijezi noRicardo Goos oyisethenjwa eqenjini lesizwe lika-Under 23 noSicelo “Kitenge” Cele.
UGumede kubhekwe ukuthi aphinde abizwe uma iBafana isitholana phezulu ne-Angola emlenzeni wesibili wokuhlungela ukuzibekisela indawo kuChan eseRwanda ngonyaka ozayo.
Umlenze wesibili ungo-Okthoba 24 ngo-3 ntambama e-11 de Novembro Stadium, e-Angola. IChan ayikho ngaphansi kwekhalenda leFifa okunika amaqembu igunya lokunqaba nabadlali bawo uma engathandi ukubadedela.
Khona manjalo amaqembu ePremier Soccer League (PSL) awazange ayiphoxe iBafana ngokunqaba nabadlali bawo. La maqembu abenalo ilungelo lokunqaba nabadlali bawo ngoba ayadlala ngempelasonto futhi akuyona impelasonto yeFifa.
Leli phephandaba likhulume nezikhulu zamaqembu ahlukahlukene zaqinisekisa ukuthi zibadedelile abadlali bazo.
n IBafana izobhekana noHonduras kusasa ngo-12 ekuseni emdlalweni wobungani.
Isikwati seBafana:
Onozinti:
Nkosingiphile Gumede, Wayne Sandilands noDumsani Msibi.
Izitobha:
Siyanda Zwane, Wandisile Letlabika, Levy Mokgothu, Thabo September, Madisha Motjeka, Mario Booysen, Rofhiwa Tshikovhi noTebogo Moerane.
Esiswini:
Thabo Qalinge, Thato Sithole, Thamsanqa Sangweni, Lyle Lakay, Mlungisi Mbunjwane, Morne Nel, Vincent Pule, Luvuyo Memela, Michael Morton noHendrik Eksteen.
Abagadli:
Bongani Ndulula, Dumisane Zuma, Gift Motupa, Bradley Grobbler noPercy Tau.