FANELESIBONGE BENGU
A BANYE abantu kuthi besebenza, babuye baqale phansi bayofundela omunye umsebenzi ngoba sebenothando lwawo.
Kwesinye isikhathi, ikakhulukazi abaculi, ubezwa bethi bafundele into ethile kodwa ngenxa yothando lomculo sebeyacula.
UBongani Dlamini odume ngoDJ Bongz naye ungomunye wabantu ababuye bacabanga ukuthi benza iphutha ngomsebenzi abawenzayo.
“Ngokomthetho kwakufanele ngibe wusomahlaya ngoba ngiyathanda ukuhlekisa uma ngihleli nabantu, ukuze kuhlale kujatshulwe. Ngivele ngishaye imidanso engasile eminye igcine isiphumelela isithandwa izwe lonke,” kusho uDJ Bongz.
Ngaphandle komculo uBongz usezakhele udumo ngokuqhamuka nemidanso eyahlukene njengowokudlalisa isithupha kanti owakamuva yiPenguin dance chesa baba.
Lo DJ waKwaNdengezi, eThekwini, uthe njengamanje kunomunye omusha azoqhamuka nawo ozobonakala kwi-video yakhe entsha yengoma ethi Ofana Nawe ayenze noSobz. I-video uzoyiqopha namhlanje eThe Society kuStamford Hill, eThekwini.
Kuzobe kuboshelwe uCassper Nyovest, Big NUZ, Naima Kay, Zakwe, Happy Gal, Mshoza nabanye abaningi. Ngaphandle kokuqopha i-video uzobe egubha usuku lwakhe lokuzalwa.
“Ngiyazi usuzongibuza ukuthi ngineminyaka emingaki kodwa anginankinga. Ungaya eMnyangweni wezaseKhaya uyobheka khona. Angifuni ukufana nomdlali webhola uma usudlule ku-30 bese kuthiwa umdala. Ngiyadlala ngina-39. Uyabo sengiyobamba u-40? Sekumele ngithole umakoti kodwa akusiyo into engiyijahile. Uyovela uma isikhathi sesifikile,” kusho uBongz.
Uthe ukuhamba kweminyaka kuyabonakala empilweni yakhe ngoba akasayiphili impilo yokubukwa. Uthe eminyakeni edlule ubenendaba ukuthi abantu bazothini ngaye.
“Sengiwumuntu womndeni manje kwazise nginomndeni omkhulu. Kumama siwu-12 futhi imina omdala, uma kukhalwa kukhalwa kimi. Abantu bazothi izinto zami zihamba kancane kanti kumele ngenze isiqiniseko sokuthi ekhaya badlile. Kwakukhulunywa kuthiwa ikhaya angisalinakile kanti manje sengilungisile. Ngaphandle kwasekhaya nginezingane ezintathu okungabafana ababili nentombazane eyodwa.”
U-DJ Bongz uqale ukuzakhela udumo ngo-2005 ngengoma ethi Sobabili eyayikwi-albhamu ethi No Retreat. No Surrender. Eminyakeni edlule ukhiphe izingoma okubalwa kuzo ethi Sobuye Sibonane, Sengihambile, Uvalo nezinye. Ezingomeni zakamuva uzwakala ecula okuhlanganisa nethi Ofana Nawe.
“Sengifuna ukuzibambela manje. Abantu bacabanga ukuthi awukwazi ukuzenzela kanti ukuqhamuka nengoma eshisayo yinto yami. Uma upika umuntu uvele aphakame ehlohlwa abantu abathize agcine eseyisitha sami elokhu engilandela ethi angimkhokheli. Phela kumele ingoma ibhaliswe kwaSamro, awulokhu ulandela umuntu kodwa uSamro uyakufakela imali yakho. Abantu abawazi umculo. Sengithathe isinqumo sokuthi ngizosebenza nomuntu owaziyo,” kusho uBongz.
Uthe ngengoma yakhe entsha ufuna ukuqinisekisa abantu ukuthi usebuyile.
“Indoda uma ungayiboni isuke ikhokha amandla. Ngizama ukubuyisa uDJ Bongz wakudala kanti ngiyabona ukuthi uyabuya manje ngoba ngiphethe induku kuphela. Abantu uma bengangiboni emculweni ngisuke ngigxile enkampanini iMabala Noise ngoba manje sekunabantu engisebenzisana nabo, abafana noReggie Nkabinde. Akufuneki ube wugombela empilweni. Xhumana nabantu ukuze uphumelele. Kufana nemoto, kukhona abenza u-gearbox, abenza umzimba nokunye.”