BAWINILE NGCOBO
KUTHIWA ibulawelwe ukulamula indoda yakwaCele ngase-Mandawe egebhulwe ugebhezi lwekhanda ngegeja nangobhushu isidumbu sayo satholwa ezansi komuzi womunye abalusa naye.
Isolezwe lithole ukuthi uMnuz Bhekisisa Cele (43) kuthiwa ubephuza emzini kamsolwa owaziwayo ngamaphoyisa kodwa ongakaboshwa ngesikhathi umsolwa ehlukumeza unina wezingane zakhe emshaya.
Kuthiwa uCele ulamulele owesifazane kanti uzozithintela kumsolwa omhlasele ngegeja nangobhushu.
UCele ugebhulwe ugebhezi isidumbu sahudulwa sayolahlwa ngezansi komuzi ngasemhosheni.
Egcekeni kulo muzi kutholwe igeja nobhushu obekunegazi.
Umndeni kaCele kuthiwa ubikelwe ngokushona kwakhe ngumnikazi womuzi atholwe ezansi kwawo kanti kuthiwa ufike wathi awuze uzobheka kukhona okwenzekile.
Kuthiwa ubike wahamba wathi uyobikela induna wangaphinde wabuya.
Unina wezingane zikamsolwa uhambe namaphoyisa ngeveni abantu bakule ndawo bevutha bethi ngeke kube ukuthi akazi lutho ekubeni kubonakala ukuthi uCele ubulawelwe egcekeni.
Umzala kaCele, uNkk Ncane Mbutho uthe uCele ubehambe ekuseni eyolusa izinkomo ngoba ubengumuntu oziluselayo.